ABANTU baseNingizimu Afrika basengcupheni yokuhlaselwa yisifo sesibindi esidalwa ukuphuza budedengu.
Elakuleli lingelinye lamazwe abhekene nezinselelo ezihlobene nokuphuza ngokweqile okuholela ezinhlobeni ezehlukene zezifo zesibindi ezidalwa utshwala.
Ngokwenhlangano yezempilo emhlabeni, iWorld Health Organisation (WHO), iNingizimu Afrika ingelinye lamazwe ahamba phambili ngokuphuzwa kotshwala esifundeni sase-Afrika.
UMnuz Murray Hewlett, oyisikhulu esiphezulu enkampanini i-Affinity Health, uthe kunenqwaba yabantu emhlabeni abaphethwe yisifo sesibindi esidalwa ukuthi baphuza ngokweqile, i-alcohol hepatitis.
Uthe lesi sifo sokusha kwesibindi sishiswa utshwala siyisimo esibucayi futhi kwesinye isikhathi esibulalayo. Sibonakala ngokuvuvukala nokulimala kwesibindi okubangelwa ukuphuza ngokweqile isikhathi eside.
Uthe siyingxenye yesinye isifo sesibindi naso esidalwa ukuphuza ngokweqile utshwala, ispectrum of alcoholic liver disease, esihlanganisa nesifo sesibindi esinamafutha esidalwa utshwala ne-alcohol cirrhosis.
Uthe utshwala bugaywa esibindini kodwa-ke ukuphuza utshwala ngokweqile isikhathi eside kunganciphisa amandla esibindi okuthi bugayeke ngempumelelo okungaholela ekutheni sivuvukale, kulimale namangqamuzana esibindi.
Ezinye zezimpawu zalesi sifo uthe:
Ijaundice: Ukuba phuzi kwesikhumba namehlo ngenxa yokungasebenzi kahle kwesibindi nokunqwabelana koketshezi okumele luphume, i-bilirubin.
Ukukhathala: Ukukhathala okungapheli nokuphela kwamandla.
Ubuhlungu besisu: Ukungakhululeki noma ubuhlungu engxenyeni engenhla kwesokudla sesisu.
Ukuvaleka kwenhliziyo: Ukungakuthandi ukudla okuholela ekwehleni kwesisindo.
Isicanucanu nokuphalaza: Ukuzizwa uguliswa yisisu nokuphalaza.
Isibindi esivuvukele: Ukukhukhumala kwesibindi sithambile uma usithinta
I-Ascites: Ukunqwabelana koketshezi esiswini, okuholela ekuvuvukaleni.
I-Hepatic encephalopathy: Ukukhubazeka kwengqondo, ukudideka, nezinguquko zokuziphatha ngenxa yokungakwazi kwesibindi ukukhipha ubuthi.
“Enye yezinselelo ezibalulekile ekubhekaneni nalesi sifo wukungabi bikho kokuhlolwa okuqondile. Nakuba umlando wokuphuza kakhulu utshwala ngokuvamile uyinkomba eyinhloko, ochwepheshe bezempilo basebenzisa izivivinyo ezihlukene ezifana nokuhlola igazi, ukuthathwa kwesicubu sesibindi ukuze kuqinisekiswe ubukhulu bokulimala kwaso. Ukusheshe ubonane nodokotela kudlala indima ebalulekile ekunqumeni indlela yokwelashwa efanele,” kusho uHewlett.
Uthe uma sekutholakele ukuthi isiguli sinalesi sifo, silulekwa ngokuthi siyeke ukuphuza utshwala. Bese sinikezwa imithi yokunciphisa izimpawu, uma isifo sesihambe kakhulu kunconywa ukuthi sithole isibindi esisha.