UKUNQAMUKA kukagesi nokungathuthukiswa kwengqalasizinda kahulumeni sekuholele ekutheni inkampani yensimbi, i-AccelorMittal SA, imemezele ukuthi izodiliza abasebenzi abawu-3 500.
UMnuz Willie Venter, okhulumela inyunyana iSolidarity kwezobunjiniyela, utshele Isolezwe ukuthi abaphathi be-AccelorMittal SA, babatshele ukuthi bazodiliza emagatsheni abo aseNewcastle, KwaZulu-Natal, naseVereeniging, eGauteng.
“Sishaqekile ukuzwa ukuthi abasebenzi bazodilizwa ngoba lokhu kusho ukuthi bazoba noKhisimusi omnyama. Bathe imbangela yokuthi badilize wukuthi ugesi unqamuka umlibe bese uphazamisa ukusebenza ezimbonini zabo kanti babuye babalula ukuthi uhulumeni akazange athenge izinsimbi zokuthuthukisa ingqalasizinda njengoba ziphazamisekile izinhlelo zokulungiswa kwengqalasizinda kuleli. Okunye abakhale ngakho wukuthi kuyabiza ukuthumela imikhiqizo yabo kwamanye amazwe njengoba amachweba engasebenzi kahle,” kuchaza uVenter.
Uthe izinkinga ezibikwa yi-AccelorMittal SA kade zaba khona ngakho bashaqekile ukuthi kungani isidiliza abantu kuseza uKhisimusi.
“Kuyacaca bafuna abantu babe namaholide amabi. Basiqinisekisile ukuthi kusazoba nezingxoxo nokuthi akukho okutheni asebekunqumile ngokuvalwa kwezimboni zabo. Akusiphethe kahle ukuthi baqale ngokumemezela bengakaxoxisani nezinyunyana ngoba besingahlala phansi sizame izisombululo zezingqinamba zabo,” kusho uVenter.
Ugxeke uhulumeni ngokunganakekeli izinkampani zakhe eziwumgogodla wokukhulisa umnotho okuyi-Eskom neTransnet.
Kolunye uhlangothi, iNational Union of Metalworkers of South Africa (Numsa) ithe iphathake kabi ukuzwa ngezinhlelo zokuthi i-AccelorMittal SA ihlela ukudiliza abasebenzi.
Ithe izohlala phansi nezikhulu zale nkampani ukuthola kabanzi ngezizathu zokuthi idilize abasebenzi ngoba ayithandi uma abantu bephelelwa yisinkwa.
Ithembise ukuthi izosebenzisana nohulumeni ne-AccelorMittal SA ukuthola izisombululo ezizohlenga imisebenzi.