INHLANGANO engenzi nzuzo, iRenegades Search & Rescue, esebenzisana namaphoyisa ukubheka abantu abalahlekile, izwakalise ukukhathazeka ngokwanda kwezigameko zokulahleka kwabantu, ikakhulu abesifazane.
Njengoba zanda nezigameko zokutholakala kwabasuke bedukile sebeshonile, uNksz Dawn Gounden, weRenegades Search & Rescue, uthe kuyabakhathaza ukuthi usuku nosuku bathola izicelo zokufuniswa abantu abalehlekile, kubalwa abadala nabancane, ikakhulukazi abesifazane.
“Nakuba lo msebenzi siwenza ngoba sinentshisekelo yokusiza umphakathi, kodwa kuyasikhathaza ukuthi kuba yinhlanhla uma kuphele usuku singawutholi umkhondo ngomuntu noma abantu abalahlekile,” kusho uNksz Gounden.
Muva nje le nhlangano isebenzisana namaphoyisa, iphansi phezulu ifuna uNksz Ntokozo Mfeka (27) noBianca Naidoo (13), okubikwa ukuthi sekuyophela amasonto amabili bedukile.
“Sesiqalile ukuphenya ngokulahleka kukaNksz Mfeka, sihambela izibhedlela nezinye izindawo zikahulumeni kodwa kuze kube yimanje asikatholi lutho. Umbiko esagcina siwutholile wukuthi ugcine ukubonakala ehostela eDalton ngenyanga edlule.
Uthe baphinde basebenzise nezinkundla zokuxhumana ukusabalalisa izithombe zabadukile ukuze bathole umkhondo.
Iolezwelixoxe noNksz Thembisa Sokutu othandana noNksz Mfeka othe ugcine ukumbona ngoNovenba 29, nokuthe uma kuhamba izinsuke engeezwa lutho kuye- wambuza kubangani bakhe nabo abamtshela ukuthi kade bangcina.
Uthe okumkhathaza kakhulu ukuthi nocingo lwakhe luvaliwe, kanti lukhombisa ukuthi wagcina ngomhlaka 27 Novemba ukungena kuWhatsapp wakhe.
“Sivule icala lomuntu olahlekile esiteshini samaphoyisa eMbilo, okuyilapho esizweukuthi wagcina ukubonakala khona. Ngikhathazekile ngoba akasiyena umuntu othanda ukuhamba, kuyaxaka ukuthi avele anyamalale,” kusho uNksz Sokutu.
“UBianca yena wagcina ukubonakala ngaphandle kwesikole iSt Anthony’s School, emgwaqweni uCarlisle, eThekwini, engena emotweni emhlophe ngezithuba zabo-3.30 ntambama. Alukho ulwazi olungaphezu kwalokho esinalo okwamanje. Kuvulwe icala ngodaba lwakhe ngoLwesihlanu emaphoyiseni,” kuchaza uNksz Gounden.
Unxuse noma wubani ongaba nolwazi ngokulahleka kwalaba besifazane, kumbe ebalamela, ukuthi axhumane nabo noma athinte amaphoyisa aseduze ngokushesha.
Nabantu ezinkundleni zokuxhumana bephawula ngokulahleka kwalaba besifazane, bakhale esifanayo ngokulahleka kwabesifazane muva nje, abanye bazwakalise ukukhalisana imindeni yabadukelwe yizihlobo zabo abazodla uKhizimusi ngaphandle kwabo.