KUNGENE kwelinye igiya ukukhulelwa kwezingane ezingakavuthwa ukuba ngomama njengoba ubufakazi buhlale obala ngamantombazane abelethe ngosuku lukaKhisimusi nonyaka.
Abasebenza nezingane bathi asibethusi isibalo esiphezulu samantombazane amancane abelethe ngoKhisimusi kodwa ongoti bezempilo bathi mkhulu umonakalo ongadaleka ngenxa yokuthi imizimba yezingane ezibelethayo isuke ingakabi sezingeni elilungele ukubeletha nokukhulisa abantwana.
Ngokwezibalo zakamuva zezingane ezizalwe ngoKhisimusi ezikhishwe uMnyango wezeMpilo zingu-1 708, kuzo ezingu-145 onina baneminyaka ephakathi kuka-15 kuya kwengu-18.
Okhulumela uMnyango wezeMpilo kuleli, uMnuz Foster Mohale, uthe isibalo esiphezulu samantombazane amancane abelethe ngoKhisimusi siyakhathaza futhi sikhomba ukuthi aqale ukuya ocansini esemancane kakhulu njengoba ebelethe enale minyaka anayo.
"Omama abasebancane imizimba yabo isuke ingakakulungeli ukuthi ithwale izingane. Ngenxa yalokhu kuyenzeka babelethe ngaphambi kwesikhathi, bahlushwe isifo sokwehla nokwenyuka komfutho wegazi okudala izinkinga uma sebebeletha nezinye izinkinga abahlangabezana nazo uma sekumele banakekele izingane," kusho uMohale.
UNkk Ayanda Khumalo Gwaji wehlangano egqugquzela ukuziphatha ezinganeni, iphinde inakekele izingane ezizalwa emindenini empofu nezizalwe zinegciwane lengculazi, iSiza Commmunity Care, uthe asethusi lesi sibalo ngoba izingane zamanje ziqala ukuya ocansini zineminyaka eyishumi.
"Esikutholayo thina esisebenza nezingane ukuthi amantombazane kuyenzeka kube nabantu abadala abawajwayeza ucansi bewanukubeza esemancane, aze ajwayele ukuya ocansini bese kuba yiwo enza izinto ezithile ebafaneni abawontanga ezizobaheha ukuze baye ocansini nawo ngoba asuke eselujwayele. Ngakolunye uhlangothi, ukuzalwa emndenini ompofu kunomthelela wokuthi intombazane igcine iziphonse ebafaneni ukuze ithole izinto ezinhle," kuchaza uNkk Gwaji.
Uqhube wathi: “Kulo nyaka ngokubambisana noDkt Maud Mthembu wophiko olubhekele izifundo zenhlalakahle yomphakathi, eNyuvesi yaKwaZulu- Natal, sethule incwadi ebizwa ngokuthi Ibhengela lesithembiso, ekhuluma ngamantombazane amabili aneminyaka ewu-14 afunda esikoleni samabanga aphezulu. Enye iseyintombi nto enye isinengane, sibheka izinkinga ezihlangabezana nenengane.”
Uqhube wathi izinhlelo abanazo ziluleka abafana namantombazane hhayi amantombazane kuphela ngoba baqonde ukwakha abafana namantombazane abazokwazi ukuthatha izinqumo eziyizo ngempilo yabo, bangajahi ukuya ocansini.
UMphathiswa wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNksz Nomagugu Simelane, uthe: “Mhlawumbe njengomphakathi sesifikile isikhathi sokuthi sibuyekeze izinkolelo nemikhuba yethu uma kuza ezindabeni ezithinta ucansi, ngoba le ndlela yamanje ayisasebenzi.”
Unxuse abazali nabanakekeli ukuthi bayeke ukubheka ucansi njengento “engamukelekile’ .
“Kungcono sikujwayele ukukhuluma nezingane zethu ngalo. Asigqugquzele ukuzithiba kodwa sazi ukuthi akuzona zonke ezizokwenza lokho. Asikhulume nazo ngokusetshenziswa kwamakhondomu, kanye nokugwema ukukhulelwa," kusho uNksz Simelane.
UDkt Maud Mthembu ongumbhali wencwadi, Ibhengela lesithembiso, ucashunwe kweminye imithombo yezindaba, ethi ukukhulelwa usemncane kudala izinkinga emphakathini, akugcini ngezinkinga zezempilo kuphela.
"Ukuba nengane emncane kugcina sekuthinta impilo yakho yonke okuba ukufunda, kwesinye isikhathi nayo ingane ayondleki ngendlela. Kuyenzeka ukuthi naye umama osemncane ukhuliswe ugogo kuba umthwalo ophindekile uma naye eseletha umntwana emhlabeni,“ kusho uDkt Mthembu.
UNkk Precious Ndlela wenhlangano ehlola izintombi, iHlalangentombi, uthe ukuhlolwa kwezintombi okuhambisana nokwelulekwa ngezinto ezithinta ucansi kungenye yezinto ezisiza ekutheni intombazane izigcine, ingayi ocansini ize ikhule ngokwenele.
Ngokwezibalo zaseKZN, ngoKhisimusi kuzalwe izingane ezingu-235, okungamantombazane angu-114 kanye nabafana abangu-141. Kulezi zingane kukhona amawele amane. Komama abasebancane abangu-49, abayisithupha baneminyaka engu-15, abathathu baneminyaka engu-16, abangu-11 baneminyaka engu-17, abanye abangu-11 baneminyaka engu-18 kanti abangu-18 baneminyaka engu-19.