NAKUBA umsunguli we-IFP, iNkosi Mangosuthu Buthelezi, ikhothame seyehlile esihlalweni kodwa kuzozwela kakhulu eqenjini lakhe njengoba esehambile. INkosi uShenge ibekwe kobandayo kule mpelasonto, izinkumbi zabantu zavalelisa okokugcina kuyona. UShenge udlule emhlabeni ngempelasonto edlule esemzini wakhe KwaPhindangene, oLundi eneminyaka engu-95.
UShenge ubedunguzela isikhathi eside engeniswe esibhedlela nasegumbini labagula kakhulu. Uhamba emhlabeni nje, bese kunethemba lokuthi useluleme ngoba kade esededeliwe waya emzini wakhe nokulapho agcine eshonele khona.
Indaba yokuqhubeka kwe-IFP ngaphandle kukaShenge ivele isiyakhulunywa ezingxenyeni ezehlukene abantu bezibuza ukuthi kuzoma kanjani? Lokhu kucace ngesikhathi iPhini likaMengameli we-EFF, uMnuz Floyd Shivambu, liluthinta lolu daba. UShivambu ubeKwaPhindangene ngoLwesibili eyohlanganisa amehlo nomndeni. Kulapho axwayise khona abe-IFP ngendaba yokulwa kubangwa izikhundla.
“Ningalokothi nixabane nihlukane phakathi nibanga iqembu likaMntwana ngoba lokhu kuyobe kuchaza ukuthi animhloniphanga. Ngiyazi nizokwenza izinto ngendlela yenu kodwa ningahlukani phakathi,” kusho uShivambu.
Okugqamile wukuthi uMengameli we-IFP, uMnuz Velenkosini Hlabisa, wemukele iseluleko ngokukhulu ukuzithoba.
“Ngiyawezwa amazwi omholi we-EFF futhi siwathatha njengodaba olubaluleke kakhulu kithina. Udaba lokubumbana nobunye kuphambili kakhulu kithina. UShenge ubambe iqhaza elikhulu kabi ngoba wasala yedwa ekhuluma iqiniso ngesikhathi sobandlulo,’’ kusho uHlabisa.
Abantu abaningi uma becabanga i-IFP bacabanga uShenge ngenxa yokuthi ube wubuso bayo iminyaka engaphezu kwengu-40. UShenge uhole iqembu nangezikhathi ezinzima lixebuka kuphuma iNadeco kwaphuma neNFP okuyigqeme enkulu ingozi i-IFP.
UShenge usungule i-IFP ngo-1975, wayihola waze wabeka izintambo phansi ngo-2019, engqungqutheleni eyayisoLundi. Kulapho okwathatha khona uHlabisa okunguyena umholi osesihlaweni njengamanje. UShenge wahlonishwa ngokuba wumengameli ngokuhlonishwa we-IFP futhi bamtshela ukuthi basazoqhubeka nokuncela embeleni ogwansile.
Nakuba kade esehlile esikhundleni uShenge kodwa ukuba khona kwakhe bekunomthelela omkhulu eqenjini.
Lokhu bekucaca uma i-IFP iyokhankasa ibibuye ihlasele ngaye uShenge athule inkulumo eshayela isipikili sokugcina. Uma benqoba ukhetho komasipala namawadi, bebekubeka ngokusobala ukuthi kungenxa kaShenge. UShenge wayekubeke kwacaca ukuthi nakuba engaseyena umholi kodwa useyilungu leqembu, unelungelo lokubeka umbono.
Ubeyihambela imihlangano yesigungu esiphezulu neyomkhandlu kazwelonke yeqembu. UShenge ubewumholi wekhokhasi yeqembu ePhalamende. Ukuhamba kwakhe kuchaza ukuthi i-IFP kusafanele isingathe udaba lokuvala isikhala sakhe sokuhola ikhokhasi ePhalamende.
Njengawowonke amaqembu i-IFP iyabhekana nezikhathi zoqhekeko nobuqembuqembu. Kamuva nje, kuke kwaqubuka izinsolo zokuthi kukhona abaholi abaqavile abebezama ukuketula uHlabisa kwesikamengameli. Laba baholi bebebhale incwadi becela umhlangano ophuthumayo.
Lowo mhlangano wagcina ungahlalanga wachithwa kwase kuthi laba abebewucelile bayalelwa ukuba beyovela phambi kweqembu bechaze ngezenzo zabo. Iqembu lamemezela ukuthi laba baholi baxolisile iqembu labaxolela.
Kuthe kusabatshwazwa lokho kwaqhamuka i-IFP Youth Brigade (IFPYB) ijijimeza uHlabisa ngolumabhaxa. Abe-IFPYB bebekhala ngokuthi uHlabisa uhambe wayoba yingxenye yezingxoxo zesixaxa samaqembu ngaphandle kokubika eqenjini. I-IFPYB yayithi iqembu kufanele lihoxe kuleso sixaxa kodwa umhlangano wesigungu esiphezulu sakuchitha lokhu.
Umhlaziyi wezeplitiki, uDkt Zamokuhle Mbandlwa, ekhuluma nesiteshi sethelevishini i-eNCA, uthe ukuhamba kukaShenge kushiya isikhala eqenjini ngoba wuyena owalikhanda laba lapho elikhona manje futhi uwuphawu lobunye kuyona.
“UShenge waqinisekisa ukuthi iqembu lakhe liyavuleleka, wayiqeda le nto yokuthi liyiqembu lamaZulu, wavulela ezinye izinhlanga. Uzamile nokuthi i-IFP ikapakele nakwezinye izindawo ingabi yinto yaKwaZulu- Natal,’’ kusho uMbadlwana.
UDokotela uFikile Vilakazi naye owumhlaziyi wezepolitiki ekhuluma nabe-SABC, uthe uShenge uhambe kabi kubhekwe okhethweni luka-2024.
“Ukhetho luza nezindaba zezingxoxo zohulumeni bokubambisana, i-IFP ibizowadinga amava akhe. Ungumuntu oyihlanganisile i-IFP, akekho omunye oke wenza lokho njengaye. Udaba lwezikhundla, amandla nobuqembuqembu eqenjini luzoqubuka,’’ kusho uDkt Vilakazi.
Uxwayise ngokuthi kufanele kube khona indlela okuzokwenziwa ngayo ukubumbanisa iqembu emuva kokuhamba kukaShenge.
“Kungenzeka kube khona uqhekeko nobuqembuqembu, kufanele kube khona iqhinga lokuzama ukubhekana naleso sihlava ngoba ngiyasola kuzoba khona inkinga,’’ kusho uDkt Vilakazi.
Indaba yobuqembuqembu ihlala ngokuvela kwi-IFP futhi naye uShenge uke wayikhuluma komunye umcimbi weqembu. UShenge walibeka ngembaba elokuthi usezwile ukuthi kukhona izinhlangothi eseziqanjwe amagama ngaphakathi eqenjini. UShenge wathi lawo maqembuqembu abulala iqembu, enxusa ubumbano.
Kuke kwasuka umsindo ngodaba lobuso ezikibheni zeqembu kukhona abafuna kufakwe ubuso bukamengameli uHlabisa.
Ukuhamba kukaShenge kuzobaphosela inselelo abaholi be-IFP abasele ngoba bazobe belindeleke ukuthi babumbanise iqembu. Banesikhathi esincane sokwenza lokhu ngoba kulungiselelwa ukhetho lukazwelonke. I-IFP izimisele ngokubuyisa isifundazwe saKwaZulu- Natal.