UMENGAMELI Cyril Ramaphosa, uyalele izinhlaka zikahulumeni ukuba zisebenze ngokubambisana ekuxazululeni izinkinga ezikhungethe omasipala bakuleli njengoba ekholelwa ekutheni ukubhacaza komasipala kwenza impilo ibe nzima ebantwini.
URamaphosa uthe ngaphandle kokuxazululwa kwezinkinga ezibhekene nomasipala, impilo yabantu ngeke ibe ngcono.
Ukusho lokhu encwadini yakhe yamasonto onke ayibhekise ebantwini.
Le ncwadi kaRamaphosa iza emva kombiko womcwaningi mabhuku othole ukuthi bangu-38 kuphela omasipala abakwaze ukuthola imibiko engenagcobho.
Elakuleli linomasipala abangu-257.
URamaphosa uthe umbiko womcwaningi mabhuku usho ukuthi izinhlaka zikahulumeni ezahlukene kufanele zithathe izinyathelo ezinqala.
“Yebo ukuthola umbiko ongenagcobho akusho ukuthi umasipala uhambisa kahle izidingo kodwa iqiniso ukuthi bukhona ubudlelwano obukhona phakathi kokuthola umbiko wemali omuhle kanye nokuhambisa izidingo. Omasipala banikezwe umsebenzi wokuhlinzeka abantu ngengqalasizinda kanye nokuletha izidingo ezishintsha impilo yabantu.
“Ingakho kufanele zonke izinhlaka zikahulumeni zibambisane ekulungiseni izinkinga ezibhekene nomasipala. Abantu baphila ngaphansi kwezimo ezingagculisi. Abantu bafanelwe omasipala abazoletha izidingo.”
URamaphosa uthe udaba lokungenzi kahle komasipala lube seqhulwini emhlanganweni wePresidential Coordinating Council, obuseCape Town.
URamaphosa uthe emhlanganweni kuxoxwe kakhulu ngodaba lokwehluleka komasipala ukusebenzisa imali abasuke beyabelwe uhulumeni kazwelonke.
“Nakuba omasipala abaningi bebhekene nenkinga yemali, bayahluleka ukusebenzisa imali abasuke beyabelwe uhulumeni kazwelonke. Ngonyaka odlule omasipala abangu-88 bahluleka ukusebenzisa okungenani u-10% wemali ababeyabelwe uhulumeni kazwelonke. Lena imali okwakufanele bayisebenzisele ukuhambisa izidingo kubantu.”
URamaphosa uthe enye inkinga enkulu ebhekene nomasipala ukwahluleka ukuqoqa imali.
“Ukwehluleka komasipala ukuqoqa imali kubashiya bengenayo imali yokuhambisa izidingo ebantwini. UMnyango kaMgcinimafa nowezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu iyalelwe ukuba iqhamuke nezinhlelo zokwelekelela omasipala bakwazi ukuqoqa imali.”
URamaphosa uveze nokuthi bahlongoza ukushintsha indlela omasipala ababelwa ngayo imali.
“Kulezi zimo ezingezinhle ezibhekene nabantu bakuleli kanye nokwehluleka komasipala ukuhambisa izidingo, kubalulekile ukuthi izinhlaka zikahulumeni zibambisane ekusombululeni lezi zinkinga ezivezwe umcwaningi mabhuku.”