KUBAMBEZELE ukukhishwa kwesigwebo ecaleni lokubulala, elokuzama ukubulala nelokuthumba iphoyisa, ukungabibikho kombiko wosonhlalakahle ngomunye wabamangalelwa owayesemncane ngesikhathi kwenzeka isigameko, obekulindeleke unekelwe inkantolo.
Bekubhekwe ukuthi iNkantolo yeNkulu yaseThekwini, igwebe uMuzikayifani Ndebele olahlwe ngecala lokuzama ukubulala uConstable Zuma okuthiwa wamdubula, noSibusiso Ndlela ngelokumbulala nokumthumba njengoba ubufakazi obunekelwe inkantolo buveza ukuthi umgilwa wafa ngenxa yokusha nokuxhelwa yintuthu, esigamekweni esenzeka eTshelimnyama, eMariannhill ngesikhathi sezibhelu zangoJulayi 20221.
IJaji uCarol Sibiya emva kokunqakisana ngamazwi nomshushisi wenkantolo u-Advocate Krishen Shah, linqume ukuthi icala lihlehlele ukuze kuzocaca ukuthi bagwetshwa nini.
Ijaji likhononde ngokuthi umshushisi wayeqoke ukuthi icala lihlehlele usuku lwayizolo kodwa wangakubhekisisa ukuthi ngalesi sikhathi umbiko wosonhlalakahle uzobe sewulungile yini, okuthe ngokubonakala ukuthi awukafiki abameli babamangalelwa nenkantolo bavumelana ngokuthi lihlehle ukuze kubhekwe wona ngaphambi kokukhishwa kwesigwebo.
“Lesi senzo sokuhlehla kwecala silimaza umndeni okuyiwona ozithola ugibela uza enkantolo kugcine kungenzeki ngendlela okulindeleke ngayo. Akungaphindi okufanayo, kumele kube usuku lokugcina lokuthi kuphothulwe leli cala,” lisho kanje.
UZuma wadutshulwa amahlandla amabili, wagoqwa ngoplastiki kadoti, wafakwa ebhuthini yemoto yakhe, eyatholwa kwenye indawo ingqongqiswe nesidumbu sakhe.
Ubufakazi obunekelwe inkantolo, buthi uNdebele wadubula umgilwa amahlandla amabili, kwathi uMnuz Nzuzo Mngadi osengufakazi woMbuso noNdlela bamfaka kuplastiki wokulahla udoti, bamvalela ebhuthini yemoto yakhe kwahanjwa naye ngaphambi kokuthi kungqongqiswe ngomlilo imoto.
UNdlela wayeneminyaka engu-19 ngesikhathi kwenzeka leli cala. Yize kuvele ukuthi uNdlela noMngadi akusibona abangqongqisa imoto kodwa abenza lokhu basagcwele amathafa, kodwa inkantolo yamlahla kwelokubulala uNdlela ngenxa yobufakazi bakhe okuthiwa abusilona iqiniso futhi wayenethuba lokuziqhelelanisa nababulali kodwa wakhetha ukuba mdibi nabo. Inkantolo iveze ukuthi iyabethemba ubufakazi bukaMngadi.