UKUGCONWA ngokungabi nawo umfaniswano wesikole esafunda kwenze uMnuz Celukwakha Chonco wase-Davenport, eThekwini, osedume ngeleNkosi Yabafundi, ukuthi aqale umkhankaso wokunikelela kubafundi abangathathi entweni.
UChonco (25) osebenza njengomluleki wezezimali, uthe ukuba nesandla esiphayo kugqugquzelwa yindlela akhula ngayo eyenze waqala inhlangano engenzi nzuzo ebizwa ngeNkosi Yabafundi Organization esiza abafundi ngemifaniswano yesikole.
Ekhuluma neSolezwe, uthe ukugconwa kwengane esikoleni ngokungabi nawo umfaniswano kumphatha kabi.
“Ukukhonjwa kwengane igconwe ngokuthi inamasokisi adabukile, lokho kukodwa kwenza ukuthi ungabe usakuthanda ukuya esikoleni,” kusho uChonco.
Uthe lokhu akwenzayo kusuka ngaphakathi enhliziyweni njengoba engakabi nabo abazomsiza.
Uthe ngesikhathi efunda, abazali bakhe babengakwazi ukumthengela umfaniswano wesikole, ehlale egqoka awuphiwe ngabanye abantu. Lokhu uthe kwamenza waba nentshisekelo yokuthi asize abanye abafundi abaswele umfaniswano ukuze babuyelwe ukuzethemba.
UChonco uthe ukungabi nomfaniswano kwakumenza angakuthokozeli ukuya esikoleni ngoba izingane zazimhleka. Ngisho esenawo umfaniswano awuphiwe wayebona sengathi kukhona okungahambi kahle ngenxa yokungazethembi.
Azobasiza ubakhetha ngokuhambela izikole akhulume noshishanhloko ukuzwa ukuthi obani abadinga kakhulu umfaniswano, uma sebebhekiwe ube esewuhambisa. Ngaphandle kokusiza ngomfaniswano, ubuye athengele abafundi izixubho nomuthi wokuxubha ukuze zikudayise, bese zithola imali encane yokuthi zikwazi ukuzenzela izinto.