UKUKHULA kowesifazane emndenini owenza izinto ngendlela yesimanje, futhi ongagxili kwezesintu kungenza kube nzima uma eganela emndenini oqhakambisa indlela nemikhuba yokwenza kwesintu.
Wukuqonda nokuqaphela lokho okwenze umbhali wezincwadi, uNelly Page Magwaza wabhala incwadi esihloko sithi Can We Get Married? ukukhuthaza futhi acebise imbokodo ukuthi ingavumi ukwenza izinto eziyicindezelayo ngoba ijabulisa abasemzini.
Lo mbhali wodumo lwencwadi yakhe yokuqala yango-2021, ethi The Beloved MaShenge, useqede konke ngalena yesine ezoqala ukutholakala ezitolo ezahlukene zezincwadi ngesonto elizayo.
Elandisa Isolezwe Ngempelasonto ngale ncwadi, uNelly uthe ixoxa indaba yomfana okhulele emakhaya, ozalelwe esithenjini. Lowo mfana uhlangana nentombazane ekhulele emndenini ocebile, futhi onganaki kangako okwesintu, bathandane, ayicele umshado.
“Ingqikithi nesifundo sendaba kuba lapho lo mfana eseyisa intombi yakhe kubo, bangayithandi abakubo ngoba becasulwa wukuthi ayikhulanga njengabo.
“Yilapho okuzogqama khona isifundo sokuthi abesifazane akumele bavumele abanye abantu ukuthi babenzise izinto abangahambisani nazo ngoba nakhu beganile,” kusho uNelly.
Lo mbhali odabuka eMandeni, nonabalandeli abangaphezu kwa-200 000 kwiFacebook, uthe okunye okuhle nokuzojabulisa abantu ngale ncwadi wukuthi ibhalwe ngendlela efundeka kalula nexutshwe namahlaya.
“Lokho ngikwenze ngoba ngifuna kube lula kumfundi ukuyiqonda futhi ayilandele kahle, ikakhulu ngoba mina ngithwale kanzima ngiyibhala ngoba bengibheke nezimo zempilo, ngibala nokhwantalala obekwenza ngingakwazi ukuyiqeda ngokushesha, njengoba kungithathe iminyaka emibili ukuyiqeda,” usho kanje.
UNelly (28) uneziqu zePsychology aziphothule e-Unisa ngo-2022, kanti manje wenza unyaka wokuqala we-Information Technology, kuyo le nyuvesi.
Uthe nakuba umshado kungesiyo into ayigijimisayo nengabusi umqondo wakhe okwamanje, uyowamukela uma impilo imubeka kuleso sigaba.
Ukhuthaze amantombazane asemancane ukuthi akuthande ukufunda izincwadi futhi ayikhuthalele imfundo. Uthe into okumele ibe seqhulwini entombazaneni ekhulayo wukuzithuthukisa nokuthatha isikhathi iziqonda uqobo ngaphambi kokuba ingene kwezinye izigaba zempilo njengokugana.
I-Can We Get Married? inamakhasi awu-315, kanti yelama incwadi yakhe yesibili neyesithathu, ezisihloko sithi Sabatha: The Begetter yango-2021 neDear Khethelo ephume ngo-2022.