UKHUTHAZA amalungu ebandla laseZayoni ukuba angalenzi iphutha lokuchezuka ezintweni ezingamagugu leli bandla elabe laziwa kakhulu ngazo nasemandulo.
UMbhishobhi Siyabonga David Msomi uyiNhloko yebandla i-The Christian Apostolic Zulu Church.
UMbhishobhi Msomi uthe ibandla laseZayoni ngelinye lamabandla ahlonishwayo kakhulu ngenxa yokuthi lenza izinto ezehlukile kwamanye amabandla.
Uthe kungaba yiphutha elikhulu ukubona ibandla laseZayoni selihlukene nokushawa kwesigubhu, isikhalanga, inkonzo yezithunywa nokunye nje okuningi leli bandla elaziwa kakhulu ngakho.
“Ngithi mangithathe leli thuba ngikhumbuze wonke amaZayoni ukuthi ngempela leli bandla lingobani futhi laziwa ngani. Ngiyalinxusa leli bandla ukuba lingagudluki kwesilazi ngakho,’’usho kanje.
Uthe okudala ukuthi adlulise lo myalezo ukuthi usekuqaphelile ukuthi kukhona amanye amabandla akhona eZayoni asebonakala eseyishintshile indlela leli bandla elikhonza ngayo.
“Akumele senze iphutha lokuthi thina esisasele siguqule lokhu leli bandla esalifica livele liyikhona. Okwethu ukukhuthaza ukuthi lingenzeki nakancane iphutha lokukhohlwa okungokwethu,’’ kuchaza yena.
Ugcizelele kakhulu ukubaluleka kokuba leli bandla libe nezingwevu ezindala ebandleni.
Lokhu uthe ukholwa ukuthi kuklama indima enkulu ekugcinweni kwezimfundiso zaleli bandla.
“Phela amadoda amadala yiwona kanye azoselusa aqinisekise ukuthi asiphumi endleleni kodwa konke siyakugcina. Siyawadinga kakhulu amadoda amadala ebandleni lakithi eZayoni,’’ kugcizelela yena.
Leli bandla linamagatsha ezingxenyeni ezehlukene esifundazweni saKwaZulu Natal.
Phakathi kwamagatsha aleli bandla kubalwa eliseMgungundlovu, eHammarsdale, Velkom nakwezinye izindawo.