NKOSIKHONA CELE
UYOKHOHLWA efile owesifazane waseMpangeni othi ugilwe igoda ngudadewabo ekhuleliswa ngumyeni wakhe amahlandla amabili emfihlweni.
UNksz Zandile Makhathini (38) uthi namanje akakayikholwa into ayenziwe nguNksz Nomalanga Makhathini (32) ekhuleliswa ngumyeni wakhe, uMnuz Sandile Magagula (46).
“Ibuhlungu le nto impela ngiyoyikhohlwa ngifile,’’usho kanje. Uchaze isoka lakhe njengowesilisa ongathembekile.
Uchaze nodadewabo njengofana nse nomthakathi onenhliziyo embi othanda amadoda.
Uthe udadewabo bebehlala naye egcekeni elilodwa futhi uyena owamlanda bazohlala naye nomyeni wakhe.
UMagagula ebuzwa ngalokhu, uvele wathi unkosikazi wakhe uyena owenza waze wakhetha ukuzitika ngodadewabo. Uthi ubengamhloniphi futhi engamguqeli uma emlethela ukudla.
“Ngiyazi ukuthi ngonile kodwa lokhu kwenziwe wukuthi umkami uZandile uyeyisa kanti udadewabo uyahlonipha, unothando uguqa ngisho eletha ukudla,” usho kanje.
Uthe udadewabo uyena obemduduza uma bexabene nodadewabo okuholele ekutheni baze balalane.
Uchaze umlamu wakhe njengowesifazane wekhethelo okwaziyo ukuthobela indoda.
Ebuzwa ukuthi baqale nini “ukuntshontshana”, uthe akathandi ukuthi kusetshenziswe igama lokuthi bebentshontshana ngoba abazona izigebengu, abakaze babulale muntu futhi abakaze bagqekeze muzi wamuntu.
“Engingakutshela khona wukuthi sesinesikhathi siyenza le nto. Ngiyakhumbula ukuthi wangazisa ukuthi ukhulelwe ingane yokuqala savumelana ngokuthi ngizoyondla ingane kodwa kuphelele phakathi kwethu.
“Nakubo bebengazi ukuthi ingane ngeyami, yingakho izingane zibiza isibongo sikamlamu wami. Yingakho zingahlawuliwe ngoba lokho kumele kwenziwe yimina,’’ echaza.
Uthi bavele bathandana kakhulu ngesikhathi sebenengane baze “bakhanda” enye yesibili. Wenqabile ukudalula iminyaka yezingane.
Ithumba kuthiwa liqhunjuzwe ngowesifazane ongumngane omkhulu kamakoti ngoba esenengwa wukuthi uMagagula usethanda kakhulu umlamu ngaphezulu komngane wakhe.
“Angazi nokuthi lo muntu otshele umakoti wami le nto ubehlushwe yini. Into exakayo wukuthi yini edale ukuthi athule isikhathi eside kangaka ebese ezokhetha ukukhuluma manje,’’ kubalisa uMagagula.
Intatheli ixhumane nomlamu ongapholisanga maseko wazivumela ukuthi kukabili ekhuleliswa yindoda kadadewabo.
Uthe yize ezisola kodwa uthe akakaze azizwe ejabule kanje uma esezandleni ezithokomele njengezendoda kadadewabo.
Udalule ukuthi ngesikhathi ekhulelwa okokuqala waqamba amanga kubo wathi indoda isiyasiphika isisu.
Esekhulelwa okwesibili uthi nakhona wahubhuza amanga wathi isoka liyesaba ukuvela ngoba alinawo amandla alisebenzi.
“Ngiyazi ukuthi yimbi le nto engiyenzile, iyefana nobuthakathi kodwa ewu yaze yamnandi into ibe ibuhlungu kudadewethu,’’ usho kanje.
Uveze ukuthi njengoba sebebanjiwe ngeke esaqhubeka nokujola nendoda kadadewabo, wathi kodwa kumele aqhubeke ondle izingane.
Khona lapho futhi uthe angangena esithenjini uma egunyazwa ngudadewabo.