ZIZOKWEHLA uma kuphela isonto izigaba eziphezulu zokunqamuka kukagesi njengoba i-Eskom ithi izobe isilungile eminye imishini ekhandwayo njengamanje.
Ngokusho kukaNgqongqoshe wezikaGesi uDkt Kgosientsho Ramokgopa, imishini yabo bayicime ngokohlelo ukuze ingafi bengalindele.
Uthe sinyukile isikalo sikagesi odingekayo ezweni, siwu-33 900MW usuka ku-27 120MW.
UMnuz Bheki Nxumalo obhekele izindaba zokuphehlwa kukagesi uthe imishini yabo bayicimile ukuze izolungiswa ngokwezinhlelo abanazo kodwa okwenze ukuthi ugesi usuke ekunqamukeni ngokwesigaba sesibili, uyonqamuka ngokwesesithupha, wukuthi kubuye kwacima imishini eMedupi, Kriel, Hendrina naseTutuka.
Kuvele ukuthi i-Eskom isisebenzise udizili wenani elingaphezulu kukaR30 billion kulo nyaka, ukuvimbela ukuthi ugesi unganqamuki ngokwezigaba eziphezulu.
URamokgopa uthe uyazi ukuthi ukunqamuka kukagesi kuphazamisa ukukhula komnotho kodwa uzosebenza ngokuzikhandla ukuxazulula le nkinga.
Khonamanjalo iStats SA ithe umnotho wakuleli ukhule wafinyelela ku-0.6% ngekota yesibili yalo nyaka.
Izazi zomnotho bezithe uzokhula ngo-0.1% umnotho kodwa wakhula ngo-0.6%.
Isazi somnotho saseFNB, uMnuz Thanda Sithole, sithe umnotho wakuleli uyazama ukukhula emuva kokubhekana nezingqinamba eziningi, okubalwa izikhukhula zaKwaZulu-Natal, isiteleka sabasebenzi abamba igolide ezimayini nokunqamuka kukagesi.
Uthe ukunqamuka kukagesi okuqhubekayo njengamanje kuzophazamisa ukukhula komnotho.
Uphethe ngokuthi uhulumeni kufanele athuthukise amachweba, alungise imizila yezitimela nenye ingqalasizinda ebalulekile ekuthuthukisweni komnotho.
Imikhakha ethuthukile ngowezolimo, amahlathi nokudoba ngo-4.2%, owezimayini ngo-1.3% nowemikhiqo esuswa phansi ngo-2.2%.
Umkhakha kagesi, igesi namanzi wehlile ngo-0.8% kanjalo nowezokwakha ngo-0.4% bese owezokuthutha nokuxhumana wehla ngo-1.9%.