OWAYEYINTOMBI yesishoshovu, esabulawa ngobandlululo, ukhombe ummangalelwa enkantolo athi nguyena owabulala isoka lakhe.
UNksz Phumelele Miya (50) uthe wayezijolela ebusuku nomufi ephaseji elingakubo eChesterville, eThekwini, ngesikhathi ehlaselwa ngummangalelwa, uMnuz Wesley “Matiri’’ Madonsela, nabathathu.
Lo wesifazane utshele iNkantolo yesiFunda eThekwni ukuthi uMadonsela wayekade engumngani omkhulu kamufi, uSphelele Nxumalo (17).
Uthe kwakuyizithuba zabo-9 ebusuku ngoLwesine ngoFebhuwari 2, 1989 izulu likade lina ntambama kodwa seliphenyile ebusuku kukhanya bha ugesi.
Uthi uMatiri waqhamuka nabesilisa ababize ngokuthi uKuben, uMsafu no-I bonke ababengabangani bakamufi.
Uthe watshelwa ukuthi bobathathu laba sebashona.
Ngokusho kwalo wesifazane, umufi wamdonsela ngakuyena evula indlela ukuthi laba abane badlule eceleni kodwa bafike bama.
“UMatiri wadonsa isibhamu ephaketheni lejakhethi wadubula umufi emzimbeni. NoKuben naye wenza okufanayo edubula umufi, bamdubula ngisho eselele phansi maqede babaleka ngendlela ababekade beqhamuke ngayo,’’ usho kanje.
Ngesikhathi beqala bedubula, uthe wabaleka wayocasha ehlathini elibude buduze nesigameko, wakwazi ukubona konke okwakwenzeka.
Ngemuva kwalokho, uthe waphuthuma kubo eyohlaba umkhosi. Endleleni uthe wahlangana nomzala wakhe, uSbhonda, wambikela lonke udaba.
USbhonda kuvela ukuthi naye wadutshulwa wabulawa ngo-1990. Lo wesifazane ube esephicwa ngemibuzo ngummeli kammangalelwa.
Okugqamile ukuthi ummeli, uMnuz Bongani Cele, ubelokhu ebelesele ngokuthi ufakazi wayengekho endaweni yesigameko kodwa wafunzwa ngakushoyo.
UCele ube eseqhathanisa ubufakazi obethulwe yilo wesifazane nesitatimende asenza ngoFebhuwari 4, 1989.
Okuvelile ukuthi lo wesifazane wayeneminyaka engu-16 ngaleso sikhathi, wathi ezinye zezinto ezisesitatimendeni akazange azisho.
Kuthe uma ebuzwa ukuthi iphoyisa elabhala isitatimende labe likususela ekhanda lokhu okubhaliwe, waphendula ngokuthi akazi.
Icala kulindeleke ukuthi liqhubeke ngoLwesihlanu sekungene ebhokisini unina kamufi ezokwethula ubufakazi.
Uphiko lwezokushushisa lusola ukuthi uSphelele wabulawelwa ukuba yisishoshovu esasilwa nobandlululo.
Basola uMadonsela ngokuba yilungu leqembu elalibizwa ngokuthi yi-A team okuthiwa lalikha ngakhezo lunye namaphoyisa angesikhathi sobandlulo.