ZIMKHALELE ngempelasonto owesilisa wasePolo
kwane osolwa ngokuhlanganisa itulo lokubulala unkosikazi wakhe. Lo msolwa (45) okubikwa ukuthi uwuthisha kubikwa ukuthi zimkhalele ngoMgqibelo emuva kokuthi amaphoyisa ancinzwe indlebe ngalezi zinsolo.
Okhulumela amaphoyisa kulesi sifundazwe uBrigadier Hlulani Mashaba uthe amaphoyisa aqoqe yonke imibiko ayithole ngalolu daba.
Amaphoyisa enze uphenyo olunzulu athola nokuthi lo thisha useyikhokhile ingxenye yemali yokuthi kubulawe unkosikazi wakhe. Ngesikhathi enza konke lokhu ubecashe ndawana thizeni nokuyilapho amaphoyisa emvumbulule khona.
"Umsolwa wenze isivumelwano sokukhokha u-R15000, uR5000 ubesewukhokhile nokuholele ekutheni amaphoyisa ambophe emuva kwakho." kusho uBrigadier Hlulani Mashaba .
Eqhuba uBrigadier Hlulani Mashaba uthe umsolwa uthathiwe wayovalelwa esitokisini maqede wabekwa icala lokuzama ukubulala. "Inhloso yokuhlela itulo lokubulala ayikakaziwa okwamanje. Indaba yodlame lobulili ngeke ishiwe ngaphandle. Umsolwa uzovela enkantolo kaMantshi ePolokwane ngoLwesithathu" kusho uBrigadier Hlulani Mashaba