LUQALE kabi usuku kwabayizinkulungwane zabalandeli bakaXolani Khumalo, ongumethuli wohlelo iSizokuthola, oludlala esiteshini iMoja Love, ngesikhathi kubonakala ividiyo yakhe eyozinikela emaphoyiseni.
Le ntandokazi yabaningi ishayela uhlelo lapho ibhekana ngqo nabasolwa ngokudayisa izidakamizwa emphakathini. UXolani ubonakala njengeqhawe kwabaningi ngoba bancoma umsebenzi wakhe omuhle futhi bathi uzama ukusindisa impilo yabantu abasha.
Namuhla ekuseni kubonakale ividiyo ethathwe yilo methuli eyongena esiteshini samaphoyisa eKathlehong, eyozinikela kwabomthetho.
UKhumalo akaqali ukuzinikela emaphoyiseni ngoba ngasekupheleni kukaJulayi, waphelezelwa yizinkumbi zabalandeli bakhe eyozinikela emaphoyiseni ngodaba olufanayo.
Lusukaphi lolu daba oluhlongoza ukufaka lo mlisa ejele?
Udaba lusuka esigamekweni esilandela isiqephu lapho owayesolwa ngokudayisa izidakamizwa uRobert “Kicks” Varrie, kuthiwa washona ngemva kokuthelwa ngenduku kuthiwa akakhiphe izidakamizwa okwakusolwa ukuthi uzithukuse endlini yakhe.
Isigameko esenzeka ngesikhathi kuqoshwa uhlelo ngoJulayi, saphetha ngokushona komlisa okuthiwa waphuthunyiswa esibhedlela eThelle Mogoerane, eVosloorus, kwagcina kumanele. Amaphoyisa kuthiwa aphenya icala lokubulala.
Iphephandaba iCity Press, laveza ukuthi ithimba labaqopha iSizokuthola, lalihlomile liphelekezelwa wuphiko lomphakathi olulwa nobugebengu iThatha-Zonke, oludume ngokusebenzisa isankahlu esifaniswa naleso esasisetshenziswa ngesikhathi sobandlululo, lagasela emzini womsolwa.
Kuthiwa ekuqaleni kwesonto, uKhumalo uyalelwe ngamaphoyisa ukuba azinikele ngokwakhe kwabakwaSidlodlo ngoba uzobhekana necala lokubulala.
Nebala kuhambe ngamagama enkehli ngoba uvukele khona namuhla ngempela wakhalelwa amasongo kaSigonyela.
Uvele eNkantolo yeMantshi ePalm Ridge, wadedelwa ngebheyili kaR20 000 ngecala lokubulala