INKANTOLO eNkulu eThekwini, ishaye ungqimphothe yahlehlisa icala ekubeni bekulindeleke ukuthi igwebe ababili abalahlwe ngamacala.
Balahlwe yicala lokubulala owayefundisa eDurban University of Technology, nelokukhanda itulo lokubulala elenzeka ngo-2019.
UDkt Euvette Taylor (30) noMnuz Willem Joseph Codier babulawa ezigamekweni ezehlukene phakathi kukaFebhuwari noMashi ngo-2019.
Kwaboshwa uMlungisi Ndlovu (27) noLwazi Danca (26) abalahlwe amacala kanti izolo bekulindeleke ukuthi inkantolo ikhiphe isigwebo.
Ngokuthola kweSolezwe, uNdlovu owummangalelwa wokuqala, wabulala uTaylor, isidumbu sakhe satholakala silaliswe embhedeni endlini yakhe ngaphakathi endaweni okuhlala kuyo izitshudeni. Kwebiwa imoto yakhe, amathelevishini amabili nokunye kanti imoto kamufi yatholakala kwaL eMlaza, kubo kammangalelwa wesibili, uDanca.
Kuthiwa bobabili bakha itulo lokubulala uCodier okuvele wakhulisa uDanca kusuka eneminyaka engu-14.
Bekulindeleke ukuthi iJaji uMfuniselwa Nkosi, likhiphe isigwebo kodwa laqala ngokunikeza abameli babamangalelwa ithuba lokuthi benze izethulo ezingaholela ekutheni inkantolo ibazwele uma isikhipha isigwebo. Yilapho ummeli kaDanca enxuse inkantolo ukuthi imnike ithuba lokuzikhulumela ngokwaholela ekuthatheni kwesinqumo sokubulawa kukaCodier.
UDanca uveze ukuthi uqale ukuhlala noCodier ngo-2014 emva kokuthi emcele kuninakhulu ukuthi azikhulisele yena ngoba uninakhulu wayewumsebenzi wasendlini eDurban North, ejwayelene nomufi.
“Ugogo wavuma, kusaqala uCodier waba ngubaba wangenzela konke engangikudinga kodwa ngokuhamba kwesikhathi izinto zaqala zashintsha. Waqala wanginukubeza ngokocansi okuyinto ayeyenza kathathu esontweni, ethatha nama-video nezithombe futhi lokhu wayengakwenzi yedwa kodwa nabanye abangani bakhe. Kwesinye isikhathi wayengiphoqa ukuthi ngimncele isitho sakhe sangasese uma echama engiphoqa ukuthi ngigwinye okuyisimo esasingihlukumeza kakhulu,” usho kanje uDanca.
Uthe ngaphandle kokuhlukunyezwa ngokocansi, wayebuye amshaye kangangoba ngenxa yobuhlungu ayebhekene nabo wazama izikhathi ezine ukuzibulala. Eholwa ngummeli wakhe ngemibuzo yokuthi kungani wayengakaze abikele muntu, uvumile ukuthi bakhona abakubo okuwuyise, unina noninakhulu kodwa wayebona kahle ukuthi ngeke bamkholwe ngoba babehlale bebabaza inhlanhla anayo bembuka njengengane engakwazi ukubonga ukuthi uCodier umkhulise kahle. Uthe uCodier wayemkhokhela ezikoleni ezehlukene wabala esinye esizimele. Uvezele inkantolo ukuthi wamthengela imoto yokuqala ngo-2017 kodwa waba sengozini yalimala, ngo-2018 wamthengela eyesibili.
Kudingeke ukuthi kume yonke into enkantolo ngesikhathi uDanca ekhihla isililo ehla ebhokisini lofakazi obekubukeka sengathi kwenziwa ngubuhlungu benhliziyo. Ukwehluleka kwakhe ukukhuluma ngenxa yesibibithwane kuphoqe ukuthi inkantolo ilihlehlisele kuDisemba 5 kuya ku-7 icala nokuyilapho okuzotholakala umbiko kasonhlalakahle ojutshwe ukuthi akhulume noDanca, nokwethulwa kwesigwebo.
UNks Pam Taylor, onginina kamufi, usole inkantolo ngokubambezela icala nokuzwelana nabamangalelwa.
“Besize lapha ngoba sizolalela isigwebo. Ukuqala phansi kukhona ummangalelwa ogibela ebhokisini lofakazi akusijabulisi ngoba bekumele balithole leli thuba ngesikhathi kuqhubeka icala,” kusho uNksz Taylor.