UHLULEKE ukuzibamba wakhihla isililo owayeyimeya kuMasipala weTheku uNkk Zandile Gumede, iNkantolo eNkulu yaseThekwini ikuhlehlisela uMsombuluko ukuqulwa kwecala abhekene nalo.
UGumede nabangu-21 aboshwe nabo abebevele kule nkantolo ngoLwesithathu, bagqigqa enkantolo ngamacala okubalwa kuwo elokwakha itulo lokwenza inkohlakalo, elenkohlakalo, elokukhwabanisa, elokuphulwa komthetho olawula ukusebenza kwemali kamasipala nelokukhishwa ngendlela engekho emthethweni kwethenda yophiko olubhekele ukuqoqwa kukadoti eThekwini i-Durban Solid Waste, ka- R300 million.
Ngesikhathi kuqala izinhlelo zokuqulwa kwecala, u-Advocate Sicelo Zungu, omele ummangalelwa wesithathu kuleli cala uMnuz Mthokozisi Nojiyeza unxuse ukuthi inkantolo ilihlehlise ekhala ngokuthi akanazo izitatimende emva kokuthi ethathe izintambo kolaxaze ummangalelwa, u-Advocate Jay Naidoo ophinde amele uNkk Gumede. IJaji eliphethe icala, uSharmane Balton, belingeneme ngesicelo sikaZungu, likhala ngokuthi amumele uchithe isonto lonke eledlule engezi enkantolo ethi uyagula
“Abamangalelwa bakhokhela abameli babo imali eshisiwe. Ukuhlehliswa kwecala okulokhu kwenzeka, kuchitha imali eningi yomphakathi, isikhathi senkantolo nesabanye abamangalelwa. Ummangalelwa ucasha ngesithupha, uma bonke abamangalelwa bengenza lokhu, leli cala lizoqhubeka nokuhlehliswa” usho kanje.
UZungu uthe nakuba ekuqonda okushiwo yijaji, kodwa alazi ukuthi ubhekene nani njengommeli kaNojiyeza, abanye abameli babamangalelwa nomshushisi u-Advocate Ashika Luken bavumelane naye okuphoqe uBalton ukuthi alihlehlise.
Kungalesi sikhathi-ke uNkk Gumede evele waqhumisa isililo ngesikhathi kuthule cwaka enkantolo wonke umuntu esadidekile ukuthi kwenzekani.
“Nkulunkulu wami, kungcono ngife kunokuthi ngizwe lobu buhlungu. Lo mshushisi udlala ngami,” esho ekhihla isililo.
Ngesikhathi kwenzeka lokhu, ijaji linqume ukuyiguqisa okwesikhashana inkantolo ngesikhathi abalandeli bakaNkk Gumede abavamise ukusala ngaphandle njengoba bengavumelekile ukungena begulukudela ngaphakathi bezozibonela ukuthi yini edla ummangalelwa. Abanye abamangalelwa bakhombise ukumzwela, kanti abameli basondele eduze kwakhe bamduduza bemanga, wakhishelwa ngaphandle eshiya abebesenkantolo beshaqekile futhi bedidekile.
UNaidoo uye kokhuluma noNkk Gumede obelokhu ekhale njalo. Ngesikhathi ijaji libuya emva kwemizuzu ewu-15, uNaidoo uxolisile ngokwenziwe ummangalelwa wathi kungenxa yokhwantalala abhekene nalo ngoba abamangalelwa kumele bakhokhele ababamele. Unxuse ukuthi uma libuyela enkantolo ngoMsombuluko, kungabe kusachithwa sikhathi. Ijaji livumelane naye ngelokuthi umphakathi ukhokha imali eningi ngaleli cala.
Omkhulumelayo uMnuz Siphelele Jiyane, uthe uNkk Gumede akekho esimeni esikahle ngokwemali nasemphefumulweni, ngoba ubesanda kuboleka imali kungekudala, ukuze akhokhele ummeli wakhe, uNaidoo. Uthe ukuhlehliswa kwecala okwenziwa wuMbuso amaqhinga okumcekela phansi kwezepolitiki.