SEKUSUKE umsindo ngejakhethi esatshalaliswe yinyanga yaseThekwini, uBhongolwethu “Dr Khehlelezi” Mzozo ngempelasonto, njengoba umnikazi wayo ethi le nyanga iphinde yazikhiqizela awayo amajakhethi angombombayi.
USphelele Duma (29) waseNewlands West, uthe usola le nyanga ngokumubamba inkunzi emini kabha ngale jakhethi ebisigqokwe ngabanye abantu abebehambisana noKhehlelezi emcimbini iGcwalisa Spring Picnic ngoMgqibelo. USphelele, othe uziphilisa nangokushayela izimoto ezikhokhelwa ngebanga ezilihambile, uveze ukuthi akatholanga ngisho isenti ngamajakhethi asatshalaliswe wuKhehlelezi ngaphandle kwemvume yakhe.
Uthe yinye ijakhethi engewona umbombayi kubantu abebewagqokile emcimbini wangoMgqibelo, yileyo ebifakwe wuKhehlelezi.
“Yinye ijakhethi ebithengwe wuKhehlelezi kumina. Ngiyibiza uR2 500 futhi nginamaphepha akwamasipala aqinisekisa ukuthi ukwakhiwa kwayo kungumqondo wami. UKhehlelezi wayibona ngiyigqoke eMax’s Lifestyle wayithanda. Wafaka i-oda wanginika uR3000 efuna eyodwa.
“Emva kwalokho ubuye wathi udinga amanye. Ngimtshele ukuthi ngimatasa ngeke ngikwazi ukuwenza abe maningi ngokushesha. Ungitshele ukuthi uma ngingeke ngikwazi ukumenzela amanye ngokushesha, uzocela ukuthi kube khona lapho ewenza khona. Sivumelane naye ngokuthi angenza abe mahlanu kuphela lapho efuna ukuwenza khona futhi enze isiqiniseko sokuthi wenza afana ncamashi neyami ngoba umkhiqizo wami uzolimala uma enza iphutha,” kusho uSphelele.
Uthe uvele wamangala sekuqhamuka inqwaba yabantu begqoke lawa majakhethi futhi enemibhalo ebhedayo engabhaliwe kahle. Uthe umtshelile uKhehlelezi ukuthi akasenzi abavumelene ngakho emtshela nendaba yamagama angabhaliwe kahle kulawa asewagayile.
Uthe abantu bebeshayela yena ucingo bemtshela ukuthi wenze amajakhethi angombombayi kanti bawadidanisa nalawa asenziwe wuKhehlelezi. Ngesikhathi iqala ukuvela le jakhethi omunye wabaphumele obala ngayo kwiFacebook, wuZamokwakhe “King Bhaka” Nzama ekhala ngokuthi kwehliswa isithunzi sabantu ukubhala imibhalo ebhedayo nokuyenza ijakhethi ibe wumbombayi.
Kuthintwa uKhehlelezi bekuzwakala sengathi uyaluvala ucingo ngesikhathi eshayelwa. Nomyalezo athunyelelwe wona akawuphendulanga.
USphelele uthe okunye okumphatha kabuhlungu wukuthi sekwenziwa sengathi ijakhethi ubeyenzele Igcokama Elisha kuphela njengoba bekugqugquzelwa ukuthi liyigqoke emcimbini iGcwalisa Spring Picnic.
Uthe yena ubehlele ukuyenzela abantu abehlukene afake imibala efunwa yibona ezinkinobheni kodwa sekugqanyiswe enezinkinobho ezibomvu kuphela okuyimibala yeGcokama Elisha.