I-DA isidonse ngendlebe abantu bakuleli ukuba baqhubeke nokulwa nezinhlelo ze-Eskom zokunyusa ugesi ngemali eningi ngoba le nkampani imosha imali.
UMnuz Kevin Mileham okhulumela iDA kwezamandla nogesi ePhalamende, uthe i-Eskom imoshe uR840 million yakha izindlu ezazizohlala abasebenzi bayo eWilge eMpumalanga kodwa manje azinamuntu.
“Sithole ukuthi izindlu zaseWilge zashiywa kanjalo, uphahla lubhodlokile futhi akukho okukhombisa ukuthi kukhona umuntu oyoke ahlale kuzo yize zadla uR840 million. I-Eskom yayithe izokwakha idolobha elincane elizoba seduze nesiteshi iKusile kodwa manje asikuboni kwenzeka lokho.”
Uthe ngonyaka odlule i-Eskom ilahlekelwe wu-R24 billion kodwa ayizange ichaze kabanzi ngalokhu njengoba ingasaphoqwa wumthetho iPublic Finance Management Act ukuba idalule konke ngemali yayo.
“Abantu kufanele bangavumi ukuthi i-Eskom inyuse ugesi ngoba lokhu kuzonyusa izindleko zikagesi ngo-40%. Vele uyabiza kuyimanje kanti i-Eskom imosha imali bese ifihlela umphakathi. Sifuna iyochaza ePhalamende ngalo R840 million omoshwe kwakhiwa izindlu ezingahlali muntu. Sifuna kuqiniswe izinhlelo zokusebenza kwemali kule nkampani kahulumeni,” kusho uMileham.
I-Eskom ayizange iyiphendule imibuzo yeSolezwe ngalolu daba.
Khonamanjalo i-Eskom ithe ngeke kuphazamiseke ukuphehlwa kukagesi emuva kokuqubuka komlilo esiteshini sikagesi iKriel.
Kuvele ukuthi ngeSonto ntambama kuye kwaqubuka umlilo emuva kokuqhuma kwepayipi elinamafutha ashisayo asuke esetshenziswa wumshini ophehla ugesi obizwa nge-unit 6.
Lo mshini uphehla ugesi owu-275MW kanti uye wayeka ukusebenza emuva kokuthi ungasawatholi amafutha njengoba kuqhume ipayipi.
UNksz Daphne Mokwena, okhulumela i-Eskom, uthe ukungasebenzi kwalo mshini akusho ukuthi ugesi usuzonqamuka njengoba izinhlelo zabo zokuphehla ugesi zizoqhubeka njengokujwayelekile.
“Akekho umsebenzi olimele ngesikhathi kuqhuma ipayipi lamafutha okudale umlilo eKriel. Abasebenzi basilungisile isimo njengoba kuwumshini owodwa kuphela othikamezekile. Siyabathembisa abantu ukuthi ukungasebenzi komshini ngeke kuphazamise ukuphehlwa kukagesi,” kusho uNksz Mokwena.