UTHUKA izanya umndeni womsakazi woKhozi FM, uZimiphi “Zimdollar’’ Biyela oveza ukuthi amaphoyisa avele agasele kubo kungazelele muntu ngobumnyama ezofuna umfowabo onamatekisi.
Lokhu kudalulwe ngudadewabo walo msakazi, uNkk Lindi Mthembu ogeqe amagula ngezivuvaba ezehlele lo mndeni muva nje.
Kusukela emasontweni adlule, iyindaba egudwini ekaZimdollar namaphoyisa emuva kokuthi wakhuluma emsakazweni ngendlela yokusebenza kophiko lwe-NIU nokwaholela ekutheni azithintele iziqandu kuNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele.
UNkk Mthembu udalule ukuthi umndeni wakubo oseShowe uzizwa ungaphephile ngenxa yamaphoyisa asegasele kabili efuna umfowabo onamatekisi, uMnuz Vika Biyela.
Uthe ukugasela kwakamuva kwenzeke ngeledlule.
Uthe lokhu kugasela akubaniki ukuthula bewumndeni ngoba uBiyela kunecala angaphuthi kulona alihamba enkantolo.
“Uma benenhloso eqondile yokumbopha, kungani bengambambi ngalezi zinsuku asuke eye ngazo enkantolo? Ngaphandle uma benenhloso ehlukile yokumthola endaweni esekusithekeni,’’ kuchaza uNkk Mthembu.
Uyiphikile eyokuthi umfowabo usekubhaceni, wabuza ukuthi uyihamba kanjani inkantolo umuntu osekubhaceni?
Uveze ukuthi sekuze kwaba yizikhawu ezintathu umfowabo ehamba inkantolo.
Udalule ukuthi icala elihanjwa ngumfowabo limayelana nokudutshulwa kothize emlenzeni nokushaywa kwakhe ngonogada benkampani yakhe umfowabo, athe kwenzeke phakathi kukaJuni noJulayi, nonyaka.
Uthe umfowabo waboshwa wadedelwa ngebheyili.
Ubalise ngokuthi lokhu kugasela kwamaphoyisa kubo kunomthelela ongemuhle kubazali babo asebekhulile.
“Umama akasathandi ukuba sekhaya ngenxa yalokhu. Bangenaphi abazali bethu kuyona yonke le nto,” kubuza uNkk Mthembu.
Mayelana nokushiswa kwamatekisi kamfowabo, uthe bayakholelwa ukuthi kuseyiyo imizamo yokuhlukumeza umfowabo.
Uthe okubuhlungu ukuthi esibalweni samatekisi ashisiwe kukhona nokungesiwo awomfowabo nabakholelwa ukuthi kuzobadalela amazinyo abushelelezi. Uveze ukuthi kula matekisi ashisiwe ayisishiyagalolunye akamfowabo.
Udalule ukuthi seziyisithupha izidumbu eseziphume egameni likamfowabo ngezinxushunxusu zemboni yamatekisi. Ukhulume nangesehlakalo sokudutshulwa kwabahlanu ngamaphoyisa athe kubona kwakukhona nesihlobo sabo. Kulesi sigameko esenzeka eBhukhanana, eMpangeni, kwabulawa abalisa abahlanu ababehamba ngemoto, amaphoyisa aveza ukuthi babefunelwa amacala ahlukene.
“UCele (uNgqongqoshe wamaPhoyisa) akachaze ukuthi babulawelani abafowethu, benzeni? Angenaphi amaphoyisa ezindabeni zamatekisi?” ubuze kanje.
Usole ungqongqoshe ngokubathuka. “Uma ethi udadewethu uyakhonkotha uchaza ukuthi uzalwa yizinja? Uchaza nokuthi nathi siyizona?’’ ezwakala ethuthumela.
Ukhale ngokuthi amaphoyisa asho akuthandayo ngabo, wathi awababulale-ke. “Ngikulungele mina ukuthi angibulale,’’ egcizelela.
Ugcizelele ukuthi abasawethembi amaphoyisa, wathi yingakho bengasawavuli namacala.