UBALISA ngezinhlungu owesilisa othi washaywa wumqashi wakhe wamphula ingalo, wasala nomzimba ogcwele izibazi, emsola ngokuntshontsha impahla yokusebenza.
UMnuz Manqoba Khumalo (32) uthi namanje ingalo yakhe ayikwazi ukwenza lutho njengoba isafakwe ukhonkolo emva kokubhaxabulwa kanzima wumqashi wakhe namadoda amabili ayehambisana nawo, esolwa ngokweba impahla yokusebenza, esigamekweni esenzeka eSydenham, eThekwini emasontweni amabili adlule.
Elandisa Isolezwe, uKhumalo uthe ubesenezinyanga ezintathu kuphela esebenzela inkampani yokwakha (igama layo eligodliwe), ngesikhathi esolwa ngokuntshontsha okokusiza ukugibela phezu kwendlu, okuthiwa wakwenza enhlangene nabathile abangebona abasebenzi benkampani.
“Nganginikezwe ukuthi ngisebenze esayithini eseSpringfield ngesikhathi kufika abebethunywe wumqashi wami ukuthi bangilande. Bangigxavula bangiyisa ngasemotweni, obekukhona kuyo umqashi.
“Kwakukhona ababegqokise okwamaphoyisa, kukhona abase vele bebanjiwe okuthiwa yibona abantshontshile. Ngesikhathi ngifika, umqashi wami ubuze ukuthi bayangazi na? Basho ukuthi abangazi. Bathathwa ngamaphoyisa kodwa umqashi wami wathi uzohamba nami amaphoyisa awangishiye, uzoziqondisela mina,” usho kanje.
Uthe umthathile wayalela ukuthi afaswe ngozankosi, wafongqwa wafakwa ebhuthini yemoto yahamba naye ibanga ngaphambi kokuthi ifike lapho ashayelwa khona.
“Imoto yafika emahhovisi enkampani, wakhipha bonke abasebenzi eyadini elihlala izinsimbi wathi angime ekhoneni. Wathatha induku esansimbi waqala wangishaya nababili ayehamba nabo.
“Ngazama ukumchazela ukuthi angishayela khona angikwazi kodwa waqhubeka. Kuthe uma esedelile wathi angihambe ungifuna emsebenzini ngakusasa. Uma ngifika endlini ngezwa izinhlungu ezinkulu, okuyilapho ngabona khona ukuthi ingalo yami iphukile,” usho kanje.
Uthe uvule icala kodwa namanje akukho okusenziwe, ufisa kwenzeke ubulungiswa, umqashi wakhe ajeze ngesenzo sakhe esibi ekubeni naye ewumuntu omnyama.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, uthe kuvulwe icala lokushaya ngenhloso yokulimaza, esiteshini samaphoyisa eSydenham.