UYISE womunye wabayisishiyigalolunye ababulawe ngamaphoyisa eDesai, eMariannhill uthi ubehlale emkhuza umfana wakhe ukuthi makahlukane nabangani bakhe abangalungile, ashone nabo.
Lona wesilisa ukhulume kanje embizweni yomphakathi noNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele kule ndawo ngoLwesine.
Le ndoda enqabile negama layo kodwa yadalula elomfana wayo oshonile, ethe u-Andile Makhathini iveze ukuthi ngumuzi wakubo lapho okwenzeke khona isigameko.
Izwakalisa nokukhathazeka kwayo ngokuthi amaphoyisa amane aqhulula ngenhlamvu wonke umuntu obengaphakathi endlini ekubeni bekukhona nabangenacala.
Kwabangenacala uthe bekungumzala ka-Andile obekade evakashile, uLungisani Simelane waKwaMashu.
“Into engiphatha kabuhlungu ukuthi kuthiwa nabo bebephindisela kodwa bekungekho lutho olukhombisa ukuthi bebephindisela. Bebekhona vele abangani bakhe (u-Andile) ebebengalungile,’’ echaza.
Uthe kungamampunge ukuthi ababulewe bebeyizinkabi, okumphathe kabi ukubulawa kwabo.
Uqhubeke ngokuthi ngabe kungcono ukuthi bathathiwe bayoboshwa ngoba bebengalwi, kodwa bamane baqhululwa ngenhlamvu.
“Bengingekho ngesikhathi kwenzeka isigameko, ngishayelwe ucingo. Ngifike ekuseni ngathi ngizama ukungena ekhaya amaphoyisa angihlehlisa ngoshova, angithuka,’’ echaza.
Uthe kulaba ababulewe kukhona abaziyo nabanye abengabazi. Uveze ukuthi ubemkhuza u-Andile ukuthi makahlukane nalaba bangani bakhe abangalungile
Yilapho-ke uCele engene khona wambuza ukuthi kanti ubazi ukuthi bayabheda abangani bakhe?
Waphendula ngokuthi ubebazi abanye babo ukuthi bayabheda. Kuthe uma uCele embuza ukuthi bebebheda benzani, wabhoka ngolaka.
“Baba uCele angihambi nezingane mina, kodwa ngisasho namanje ukuthi bebekhona ababhedayo. Ngiyazi ukuthi bebekhona ababhedayo bebamba inkunzi,’’ kusho lendoda.
Ibigcizelela ibuza ukuthi sekuwumthetho waseNingizimu Afrika yini ukuthi amaphoyisa amane adubule wonke umuntu nabamsulwa?
Amaphoyisa athi afike kulendawo ngenhloso yokuzobopha abasolwa abathile kanti azongqongqoza emnyangweni okungewona.
Aqhuba athi abe esedutshulwa abantu abebekade bekwenye indlu, nokuyilapho ephindisele kwaphangalala abayisishiyagalolunye.
Aveze ukuthi ababili bakwazile ukubaleka, basagcwele amathafa.