UKELLY Khumalo wayengasamfuni owayengunozinti we-Orlando Pirates, neBafana Bafana ongasekho uSenzo Meyiwa.
Lokhu kuvele izolo ngesikhathi ummeli kammangalelwa wesihlanu, u-Advocate Zandile Mshololo, epheka ngemibuzo ufakazi owayesendlini, uZandi Khumalo.
UMshololo ucele ukuthi kudlalwe i-vidiyo kaZandi lapho ayenengxoxo ekhethekile nesiteshi sezindaba setelevishini, i-eNCA.
Iziko lezindaba iTimes Live licaphune omunye wemiqhafazo lapho uKelly wayexoxa nodadewabo uZandi Khumalo eyayithi: “Engingakwenza ukuhlala ethembeni nokuthandazela ukuthi usuku lokuphuma kuye selusondele.”
Emva kokukhonjiswa kwale ngxoxo, uMshololo ucele ukuthi imiswe kancane maqede wathi: “Ngifuna ukuthola kahle kuleli phuzu lokuthi unina kamufi wathi uhambe wayofuna umuthi wesichitho?” UZandi uphendule ngokuthi yena wayesho into unina kaSenzo, ayisho kwi-Netflix.
UMshololo uqhube wathi kuZandi, ebufakazini bama-sms, obalethwa ngaphambi kwale nkantolo, kwavela ukuthi uNksz Khumalo (uKelly), wathi ufuna ukuqeda ngomufi.
Kungenele uMshushisi weNkantolo u-Advocate George Baloyi,ngelithi akakholwa ukuthi lokho kuyiqiniso.
“Kwakumayelana nokuqeda ngothando hhayi ukumbulala,” kusho uBaloyi.
IJaji Ratha Mokgoatlheng lingenelele nalo lathi: “Lokho okushoyo (ebhekise kuMshololo) akusho ukubulala umuntu, kusho ukuqeda ngothando (lokhu okwakushiwo uKelly).”
UMokgoatlheng uqhube wathi kumele kwazeke ukuthi kwakunombango wesoka.
“(UKelly) Wayengenasiqiniseko sokuthi aqhubeke nothando noma cha ngoba yize babethandana nomufi kodwa umufi wayenonkosikazi,” kusho uMokgoatlheng.
UMshololo uphendule ngelithi: “Njengoba inkantolo iqondisa ubufakazi, kodwa isithombe esidwebekayo esokuthi umuntu okunguye owayenobudlelwano obungahambi kahle lapha, uma sibuka lobu bufakazi obalethwa enkantolo, kwakunguye uNksz Kelly Khumalo nomufi.”
UMshololo uphethe ngelithi, ngakolunye uhlangothi, uMandisa (unkosikazi kaSenzo) yena, abukho ubufakazi obuveza ukuthi wayengasabufuni ubudlelwane phakathi kwakhe nomufi.
Ngezikhathi zantambama inkantolo iguqe sekuhleli uMnuz Khaya Ngcatshe, ebhokisini lofakazi.
UNgcatshe wayengumakhelwane wakwaKhumalo ngesikhathi sokubulawa kukaSenzo. Uveze ukuthi bezwa umsindo wabantu abaxokozelayo kwaKhumalo, bezwa umsindo wokuqhuma kwesibhamu, babuye bezwa nomsindo wabantu abahayizayo.
Uveze nokuthi bathi uma bephumela emnyango, yena noyise ongasekho, bazithela phezu komuntu owayesegcekeni labo, abathi uma besondela kuye nenduku, wazikhalela ngelithi bangamenzi lutho ngoba akusiye owenze icala.
UMeyiwa wadutshulwa wafa esekhaya lowayeyintombi yakhe engumculi, uKelly Khumalo, eVosloorus ngo-Okthoba 26, 2014.
Icala liyaqhubeka namuhla.