Unina wengane kaSenzo Meyiwa, umculi wakuleli uKelly Khumalo, uthi lusezithebeni zabameli bakhe udaba lwezinsolo zokuthi waqasha izinkabi ukuthi ziqede ngoyise wengane yakhe ngo-2014.
UKelly ubephawula ngezinsolo ezivezwe ngumholi wethimba labaphenyi becala uBrigadier Bongani Gininda, ngenkathi ethula ubufakazi phakathi nesonto.
UGininda umangaze abaningi ethi ummangalelwa wokuqala, uMuzikawukhulelwa Sibiya, nowesibili uBongani Ntanzi, badalula uKelly njengokunguyena owabanika itoho lokujuqa uMeyiwa. UGininda uthe uKelly wayefakiwe ohlwini lwabantu okwakufanele baboshwe kodwa abashushisi bakhomba okuthile okwakushoda.
UGininda uthe uKelly wayenezinombolo zocingo ezine angawatshelanga amaphoyisa ngazo nokwavela ukuthi wayezisebenzisa edidiyela izinkabi.
Isolezwe Ngempelasonto lithinte uKelly maqondana nezinsolo wathi konke kuphethwe yimenenja yakhe uKhothatso Tsotetsi, kumele kubuzwe yona.
Kuthe uma ethintwa uTsotetsi, waqinisekisa ukuthi udaba lukubameli abasafuni ukukhuluma ngalo kakhulu.
“Siyaqonda ukubaluleka kokuthi zonke izinto zihlale obala kodwa asikwazi ukuphawula ngecala eliqhubekayo. Ithimba labameli bethu liyalusebenza lolu daba futhi silindele ukuthi uhlelo lwezomthetho luqhubeke ngendlela,’’ kusho uTsotetsi.
Uthe bayaqonda ukuthi umphakathi umagange ufisa ukuzwa kabanzi ngodaba futhi bazokweneka konke obala uma isikhathi sesifikile.
UMeyiwa wadutshulwa wabulawa ekubo kaKelly eVosloorus, eGauteng, ngobusuku bango-Okthoba 26, 2014. Kuvela ukuthi uMeyiwa wadutshulwa esifubeni yinhlamvu yaphuma ngemuva, waphuthunyiswa esibhedlela kwatholakala ukuthi wayesethule.
Bahlanu abalisa ababoshiwe ngecala lokufa kukaMeyiwa futhi bayawaphika bonke amacala ababekwe wona bathi babhecwa ngobubende inyama bengayidlanga. Umbuso umi ngezitatimende othi zabhalwa abamangalelwa bevuma amacala kodwa sebeyaziphika manje.
Icala lisesigabeni lapho kubangwa khona ukuthi izitatimende zifanelwe yini ukwemukelwa njengobufakazi benkantolo. Umbuso ubize uGininda ukuzofakaza wase ephoswa imibuzo ngabameli babamangalewa.
Ngaphandle kwempendulo kaKelly ngodaba, ubeqhubeka ebhala kwiFacebook eshwabulela abantu abamhlokozayo ngalezi zinsolo. Ubesho ukuthi uzothola ababili nje, azokwenza ngabo isibonelo. Esho nokuthi abantu bajwayelana kabi.
Ubuye wabonakala kwividiyo ekhala ngokuthi abantu bayambingelela bese belokhu bemduduza ngokuthi akaqine akazi ukuthi kuhlanganaphi lokho ngoba uzijabulele yena.
Udadewabo kaKelly, uZandi Khumalo uke waphefumula ngalolu daba kwi-Instagram ethi umi nodadewabo.
“Mina ngiyoma nawe ingunaphakade ngoba ngiyayazi inhliziyo yakho futhi ngiyazi noSenzo umi nawe lapho akhona. Uyazi-ke thina singamabhubesi asizikhathazi ngemibono yezimvu @Kellykhumaloza. Kulabo abalokhu bengibuza ukuthi unjani, ningakhathazeki uphila njengosheleni futhi naye njengathi sonke ufuna abenzi bobubi bajeze. Nginitshela lokhu ngoba ngiyazi ukuthi nimthanda kanjani angifuni nikhathazeke, khululekani nje isazokhala ingoma kwaKhumalo,’’ kubhala uZandi.
Khonamanjalo icala lokufa kukaMeyiwa lisheshe laguqiswa futhi lizobuyela ngoLwesibili enkantolo.