IMEYA yeTheku uMnuz Mxolisi Kaunda, iphika amahlebezi okuthi ibalekile edolobheni, yayotetemuka eCape Town, ngesikhathi samaholidi kaDisemba.
Lokhu kuza emva komsindo weDemocratic Alliance (DA), ne-Action SA, abasola uKaunda ngokuthi ubalekele izinkinga ezikhungethe iTheku, wayopholisa ikhanda eCape Town.
Womabili amaqembu afuna uKaunda achazele umphakathi ukuthi ubekuphi ngesikhathi izintambo zobumeya zibanjwe nguMnuz Nkosenhle Madlala.
UKaunda uphawule ekhasini lakhe leFacebook, wathi akazange aye eCape Tow, ngoDisemba. Wengeze ngokuthi kungamanga okushiwo yiDA futhi ihlose ukudukisa umphakathi.
“Amaholidi ami ngiwadlele eKZN, lapho ngichithe khona imali yami. “Angikaze ngidukise abantu kunalokho ngabe nibuza iDemocratic Alliance ukuthi yiziphi izibhedlela ezigcwele abantu abagulayo ngoba kuthiwa babhukude emabhishi aseThekwini?” kuchaza uKaunda.
Amaqembu asola uKaunda ngokuba ngumdukisi futhi oyixoki ngoba athi wanxenxa abantu ukuthi bavakashele eThekwini, yize amabhishi ayenenkinga yendle egelezela kuwona. Bathi lokhu kwabeka engcupheni impilo yezivakashi kodwa uKaunda uthi kuyihaba lokho.
“Iqiniso lithi amaqembu abedukisa abantu futhi kuxoshwa nezivakashi eThekwini, ukuze ezokuvakasha zingahambi kahle kuqhakanjiswe elinye idolobha. Kodwa abantu beze ngobuningi emabhishi ethu eThekwini, babhukuda bazijabulisa futhi akukho noyedwa oguliswe ulwandle lwethu njengoba sasho sathi luphephile,” kubeka uKaunda.
UMnuz Thabani Mthethwa ongumholi wekhokhasi yeDA eThekwini, uphonsele uKaunda inselelo wathi akatshele umphakathi ukuthi ubekuphi ngoDisemba, alethe nobufakazi bokuthi ubengekho eCape Town.
“Imeya ikhombisa ubuxoki ngokubiza abantu ukuthi beze eThekwini, bese yona iya eCape Town. Sambiza sathi akayobhukuda ebhishi laseMhlanga, wanqaba ngoba wayazi linenkinga yendle egelezela olwandle,” kusho uMthethwa.
UMthethwa uthe okwenziwe nguKaunda ngokuya eCape Town, kuwubufakazi bokuthi akuphephile ukubhukuda eThekwini futhi idolobha lonkana libolile.
UMnuz Zwakele Mncwago, oyikhansela le-ActionSA eThekwini, nobuye abe ngusihlalo weqembu KwaZulu-Natal, uthe uKaunda akachazele izakhamuzi nosomabhizinisi ukuthi ubekuphi ngoDisemba. Wathi uKaunda wagembula ngempilo yabantu, uma ethi abeze bazobhukuda emabhishi aseThekwini, kuphephile ekubeni wayazi kahle kungamanga ayekusho.
“Akuthusi nje kuphela ukuthi uKaunda uye eCape Town, kuphinde kufakazele ukuthi amabhishi aseThekwini, awaphephile ukuthi kungabhukudwa khona,” kusho uMncwango.