UMLINGISI u-Amanda du Pont usegcine ephefumulile ngokushiwo wuJub Jub ngaye ohlelweni lukaMac G oludlale kuChannel O ngoLwesithathu ebusuku. Le ntokazi ikhihle esikaNandi kwi-video eyifake ekhasini layo kwi-Instagram ichazela abakuleli ukuthi ayilalanga noJub Jub njengoba ebesho kulolu hlelo, kunalokho umsole ngokumdlwengula iminyaka emibili.
“Ngadlwengulwa, ngahlukunyezwa iminyaka emibili wuJub Jub. Iphutha lami libe ngukuthula ngale nto kodwa kuphelile konke lokho manje. Ngeke ngithunazwe isithunzi sami yilesi sigebengu,” kusho umbhalo obuhambisana nevideo ka-Amanda.
Kwivideo uveza ukuthi uJub Jub, ongumethuli we-Uyajola 9/9 kuMoja Love, wamdlwengula esayintombi nto, okuyinto aqhubeka nokuyenza iminyaka emibili. Uthe ngesikhathi ezama ukuyovula icala emaphoyiseni ngalokhiu iphoyisa alifica lamtshela ukuthi akabuyele ekhaya ayokucabangisisa afuna ukukwenza ngoba selikhathele izintombi namakhosikazi abantu abavula amacala, babuye bawahoxise ngakusasa.
“Kumele ngabe uchitha isikhathi sakho uxolisa ngezingane owazibulala ubanjwe yizidakamizwa. Kunalokho umatasa udicilela igama lami phansi...ngifuna abantu bakwazi kahle ukuthi uwumuntu onjani. Ngifisa sengathi ngabe usasejele namanje,” kusho u-Amanda eqondise kuJub Jub.
Echaza kabanzi ’ngokudlwengulwa’ kwakhe uthe indlela ayesemnukubeze isikhathi eside ngayo kwase kumcoba (uJub Jub) wayeze alinde abantu ukuthi bafike endlini ukuze kumfakele omunye umfutho.
Ukuchithile ukuthi wahlukana noJub Jub ngenxa kaKelly. “Ngahlukana naye ngoba wazama ukungibulala ngokungiklinya.”
U-Amanda uthe wayesafunda esikhungweni semfundo ephakeme ngaleso sikhathi, eshayelwa umthetho oqinile wuJub Jub kangangokuthi wayemkhethela ngisho abangani.
Lo mlingisi ucele abameli abangamsiza ukuze avale uJub Jub ekukhulumeni ngaye esidlangalaleni.