KUMHLABE umxhwele uMengameli wezwe uCyril Ramaphosa ukuzwa ukuthi osomabhizinisi abangaphansi kweBRICS, bazimisele ukutshala amabhizinisi abo eNingizimu Afrika nasezwenikazi i-Afrika.
URamaphosa ukusho lokhu ngesikhathi ethula inkulumo yokuvula ingqungquthela yeBRICS nokwamukela izikhulu zamazwe ngamazwe eSandton, eGauteng.
Uthe kuyalibuyisa ithemba ukuzwa osomabhizinisi bezinikela ekutheni kuthuthukiswe umnotho emazweni asafufusa ukuze kuqinisekiswe ukuthi buyancishiswa ububha, isibalo sabangasebenzi kanjalo nokungalingani kwabantu.
“Akuvamile ukuthi kuzwakale imiyalezo eminingi kangaka emihle kubantu abangosomabhizinisi. Kuyalibuyisa ithemba uma osomabhizinisi bekhombisa ukuzibandakanya ezindabeni ezithinta ukuthuthukiswa komnotho wamazwe asafufusa,” kusho uRamaphosa.
Uthe bayaqhubeka nokunxusa osomabhizinisi ukuthi baqhubeke babambisane nabo ekutheni kutholakale izixazululo ezithinta izinkinga ezikhubaza umnotho.
Utshele osomabhizinisi ukuthi eNingizimu Afrika nezwekazi i-Afrika kunezindawo eziningi ezingathintiwe anesiqiniseko sokuthi zingawuthuthukisa umnotho.
“I-Afrika inenqwaba yamathuba uma kuziwa ezintweni ezifana nezokumbiwa phansi nokunye. Lokhu kungadlala enkulu indima uma kuziwa ngasekukhulisweni komnotho,” kusho uRamaphosa.
Ubuye waveza nokuthi ujatshuliswe yinkulumo abenayo nomengameli weNew Development Bank ngaphambi kokuqala kwengqungquthela omtshele ukuthi leli bhange likulungele ukweseka izindaba ezithinta ukuthuthukiswa kwamazwe asafufusa kwezomnotho.
“Sikushayela ihlombe lokho,” kusho uRamaphosa.
Echaza kafishane ngamazwe eBRICS, uthe ayisungulwanga ukuqinisa amaxhama kahulumeni kuphela kodwa ibuye yenze umsebenzi omkhulu wokuqinisa ubudlelwano phakathi kwabantu bala mazwe womahlanu.
“Kungaba ngokwamabhizinisi, amaqembu ezepolitiki, ukuhlalisana nezemidlalo,” kusho yena.
Uveze ukuthi amazwe akwiBRICS anikeza umnotho olinganiselwa kwikota emnothweni womhlaba wonke jikelele. Wathi anabantu abalinganiselwa ku-40% emhlabeni wonke, nokusho ukuthi enza omkhulu umehluko ezigabeni ezehlukene emhlabeni jikelele.
Uthe ngonyaka odlule la mazwe enze umnotho ongalinganiselwa ku-162 billion wama-dollar.
Le ngqungquthela iyaqhubeka kanti kulindeleke ukuthi ibe nezikhulumi ezehlukene ezivela emazweni ehlukene okukhona kuzo nomengameli bawo.