UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube Ncube unikeze ugogo uNkk Nonhlanhla Khanyile (78) izikhiye zendlu, esifundeni uThukela, kuMasipala Inkosi Langalibalele, ngaphansi kohlelo lweSukuma Sakhe.
Uthe inhloso yohlelo ukuthi lugxile emiphakathini ukuze kubhekwe ukuthi uhulumeni ukhona yini emawadini, ngaphansi kohlelo lwama-war room.
“Ngabe izinto ezikhulunywa ngabantu kuma-war room, emawadini ngabe iminyango kahulumeni iyazithatha yini futhi iyakwazi yini ukuphendula uma kunezinto uhulumeni okumele angenelele kuzo ngokushesha,” kuchaza uNdunankulu.
Wathi njengoba bekuMasipala Inkosi Langalibalele, ongqongqoshe bonke bahambele amawadi ahlukene.
“Siqale sahambela izinhlelo ezehlukene zikahulumeni sabe sesihlangana nomphakathi ukuzwa ukuthi lokhu ebesikwenza bakwamukela kanjani nokuthi sizwe ukuthi yikuphi okunye abasafisa ukuthi sikwenze.”
Uthe bazosebenza ngokubambisana nomasipala kanye nabaholi bendabuko nezakhiwo zomphakathi ukuze uma kukhona izinto eziphakanyiswa umphakathi kusukunyelwe phezulu, ziphendulwe.
“Kubikwe kakhulu udaba lobugebengu kulezi zindawo. Kunesikhulu samaphoyisa esithe asisukume sichazele umphakathi ukuthi yini eyenziwa ngobugebengu ikakhulu ngamacala abikwayo kodwa kungenzeki lutho. Kukhulunywe ngodaba lokungabi khona kwemigwaqo, lokungabibikho komtholampilo oseduze,” kuphawula uNkk Dube Ncube, ngezikhalo zomphakathi.
Uqhube wathi odabeni lomtholampilo kuvele ukuthi ukhona oseduze kodwa ngenxa yomngcele, abantu kuthiwa abaye komunye oqhelile oseWembezi. Wathi bakwazile ukululungisa lolu daba.
uNkk Dube-Ncube usonge ngokuthi: “Esizokwenza manje ukuthi kumele kube khona umhlangano olandela lona bese senza imibiko ngokuthi ongqongqoshe batholeni emawadini abebewahambele, bese kuba khona umhlangano womphakathi.”