IJAJI uJacqueline Henriques lithi kumele liqale ukuqulwa manje icala lezinkabi ezimbili ezesatshwayo KwaZulu-Natal, ezibhekene noxhaxha lwamacala angu-15 okubulala okuthiwa azenza ezigamekweni ezahlukene phakathi kuka-2020 no-2022.
Ijaji likhulume kanje ngoLwesine, ngesikhathi laba ababili okunguMnuz Wiseman Shangase (30) odume kakhulu ngelikaMadanone noMnuz Thalente Mkhize (36), bevele eNkantolo eNkulu yaseThekwini.
Ijaji lisho kanjena nje, leli cala ligida ndawonye futhi sekunezikhawu eziningi lihlehliswa ngenxa yezizathu ezahlukene. Kuke kwaba khona isikhathi lapho laba ababili belaxazwa ngabameli.
“Sekuhambe isikhathi eside kakhulu leli cala lingaqulwa. Kumele manje liqale ukuqulwa ukuze sigweme ukubambezeleka kwalo,’’ lisho kanje ijaji.
Phakathi kwezigameko abasolwa ngokuba ngongqondongqondo kuzona kubalwa nesokubulala abahlanu esenzeka eMawoti, eNanda, ngo-2022.
Kuleso sigameko kwabulawa uWandile Funaphi (17), Qaphelani Mkhovu (20), Mlondi Getane (22), Phillip Hansa (25) noLindo Siphambo (22).
UFunaphi noMkhovu - ngesikhathi bebulawa - kuvela ukuthi babenza u-matric.
Laba ababili baphinde basolwe ngokuthi yibona abasoconga usomabhizinisi wase-Overport, uMnuz Zeyn Moideen owadutshulwa emgwaqweni uBrickfield ngo-2022.
Ngosuku olufanayo basolwa ngokuthi baphinde babulala umakhelwane walo somabhizinisi, uShaheed Moodel.
Kuvela nokuthi ngalo lolu suku, baphinde bazama ukubulala owesilisa wakwaSibisi waseNtuzuma kodwa yaphunza imizamo yabo.
Kuvela nokuthi ngo-2021, abasolwa bathumba uMnuz Phakamani Cwele bemsusa eNanda baze bayombulalela oLwandle Drive, KwaDabeka.
Basolwa nangokuthi yibona ababulala uMnuz Nhlanhla Goge eNanda, ngo-August 7, 2021.
Kuthiwa yibona futhi ababa ngongqondongqondo ekubulaweni kukaMnuz Njabulo Bongani Shongwe benoMnuz Zolani Goodman Mbuthuma okwenzeka eNanda, ngoSepthemba 2, 2021.
Kuthiwa bazama nokubamba inkunzi kuhlonyiwe endaweni yokucima ukoma yaseThekwini, ngo-2022, kodwa behluleka.
Kuleso sigameko kuthiwa baphumelela ukuphuca abesilisa ababili izibhamu zohlobo lweNorinco Piston neDashprod Rifle, beba nezinhlamvu ezingu-66.
Ngesikhathi bekhalelwa ngamasongo kaSigonyela kuthiwa ngaphakathi emotweni yabo kwakunezinhlamvu ezingu-90, futhi bezama nokubaleka kodwa baboshwa sebedlula eMariannhill Toll Plaza.
Ngaphakathi enkantolo bekukhona imindeni yabagilwa nabebezokweseka abasolwa. Icala lizobuyela enkantolo ngoNovemba 14.