Kaizer Chiefs (1) 1
Mamelodi Sundowns (1) 2
IKaizer Chiefs iphinde yahluleka ukuqeda ukuchachaza emakhanda ayo kweMamelodi Sundowns eyithele othulini emdlalweni weBetway Premiership obubhekwe ngabomvu eFNB Stadium, eGoli, ngoMgqibelo ntambama.
Amagoli enqobe ngawo iSundowns kulo mdlalo obuthanyelwe yizinkumbi zabalandeli, avalelwe phakathi nguLucas Ribeiro no-Iqraam Rayners. IChiefs ibikade ibekwe phambili nguRanga Chivaviro umdlalo usanda kuqala.
Nakuba iSundowns ikhombise zisuka ukuba phezulu ngomdlalo kodwa iChiefs yiyona ebone inethi kuqala ngomzuzu wesishiyagalolunye kuqale umdlalo ngesikhathi uChavaviro engena esikhaleni ehlula ngamandla uMusa Lebusa ngaphakathi ebhokisini ngaphambi kokulibhajiswa enethini kwaba ngu 1-0.
Nokho iSundowns ibuye ngamandla yakhombisa ukuba yingozi ngaso sonke isikhathi uma ihlasela. Lokhu kugcine kuholele ekutholeni kwayo igoli lokulinganisa ngesikhathi uRibeiro evalela phakathi igoli ngomzuzu ka-31 ngemuva kwebhola ebeliqhamuke noTashreeq Matthews.
Ukuqhubeka nokucindezela kweSundowns kuholele ekutholeni kwayo igoli lesibili ngonyawo lukaRayners oqedele ibhola ebeligotshwe nguRibeiro obeqhamuke ngasohlangothini lwesokudla.
Ngesiwombe sesibili iChiefs ibuye ngamandla, yakhombisa ukuba yingozi uma ihlasela. Ngomzuzu ka-63 u-Edson Castillo ucishe washaya igoli lokulinganisa engqomfa ibhola ebeligotshwe ngobuchule nguGaston Sirino ngaphandle kwebhokisi kade kuyi-free kick, kodwa wala ukhasha uRonwen Williams ezintini.
UWilliams, obala ukhasha ezintini uphinde wavimba elinye ibhola elibi ebelingqofwe ngu-Ashley Du Preez obesanda kungena esuka ebhentshini. Lo mgadli uhlulwe nguhlaba udle webhola esebhekene namapali ngomzuzu ka-67.
IChiefs icindezele kakhulu ngemizuzu yokugcina, ihlasela iphindelela ifuna igoli lokulinganisa kodwa uWilliams ubengafuni lutho ezintini.
Nakuba Amakhosi ekhombisa izimpawu zokuba yiqembu elingcono kule sizini kule midlalo emithathu esadlaliwe kodwa ukwehluleka kwawo ukugoba iDowns kulo mdlalo. IChiefs yagcina ukwehlula iSundowns ngesizini ka-2020/2021.