ZIFUNA uMnyango wezoLimo KwaZulu-Natal ungenelele enkingeni yokulahlekelwa kwazo yimfuyo ngenxa yesomiso izakhamuzi zakwesaKwaMthethwa, Empangeni.
Kuthiwa zingaphezu kuka-70 izinkomo esezibulawe yisomiso kanti izimbuzi zona zingaphezu kwekhulu.
Omunye wabagilwa, uMnuz Mfana Gumede, uthe selokhu uqalile lo nyaka bayizwa ngendaba imvula nokuholele ekutheni bafelwe yinqwaba yezinkomo nezimbuzi.
Uthe umkhizo uqale ukuzwela kakhulu ngoJuni nonyaka, imfuyo yabo isiqala ifa njengezimpukane.
Enza isibonelo ngaye, uthe yena usefelwe yizinkomo ezingu-17 nezimbuzi ezine kusuka ngoJuni nonyaka.
“Zifa ngayodwa, ngambili, izinsuku zilandelana, amasonto elandelana,” kusho uGumede.
Uthe okumehlele kumshiye elimele kakhulu ngoba uziphilisa ngazo izinkomo.
Uthe kuthi uma esebona sisibi isimo emalini, adayise inkomo eyodwa, udle umndeni wakhe.
“Siyafisa ukulekelelwa ngokudla kwazo okunempilo, ukuze sikwazi ukuthi sivikele lezi ezimbalwa ezisele,” kusho uGumede.
Uthe lolu hlobo lokudla lwenza ukuthi nakuba zingawatholi kahle amanzi kodwa zingabi ntekenteke okuholela ekutheni zigcine zifile.
Esinye isakhamuzi, uNksz Nonkululeko Mthethwa, sona esilahlekelwe yizinkomo eziyisishiyagalombili, sithe bafisa umnyango ubalekelele ukuthi baphinde baphembe njengoba befelwe yizo zonke.
UNksz Mthethwa uthe ezinye izakhamuzi ezisasalelwe imfuyo embalwa, zingakujabulela ukulethelwa amanzi azophuzwa yizinkomo ngamaloli.
“Zonke ziphelela emadlelweni. Zivele ziphelelwe amandla, zigingqike zifele khona lapho. Isibaya somile,” kusho yena.
Bathe ngenxa yokungani kwemvula, wonke amadamu asendaweni nemifula ebebethembele kuyo ukuthi kuphuze imfuyo yabo asemile utshani nenxa yesomiso.
UMphathiswa woMnyango wezoLimo uNkk Thembeni Madlopha-Mthethwa, uthe uzojuba ithimba ukuba liyohlangana nabalimi baleyandawo ukuze kutholakale umbiko ogcwele wokuthi kwenzakalani nokuthi yiluphi usizo abanganikwa lona.
Uthe indawo abanolwazi lokuthi ikhahlanyezwe isomiso iseHluhluwe lapho abamatasa khona nezinhlelo zokungenelela.
Uthe phakathi kwazo kuye kwakhiwe amadamu namapitsi nokunye.