KULOKOZA inhlansi yethemba ngokuthi uphethroli omba eqolo ungase wehle ngonyaka ozayo.
Lokhu kuza emuva kokuthi uNgqongqoshe wezeziMali, uMnuz Enoch Godongwana ethe kufanele kube noguquko endleleni okubalwa ngayo intengo kaphethroli.
UGodongwana utshele amalungu ePhalamende ukuthi ukhathazekile ngokunyuka kukaphethroli futhi uhulumeni uzongenela ukuze alethe uguquko eindleleni okubalwa ngayo intengo kaphethroli.
Kuzokhumbuleka ukuthi i-Automobile Association of South Africa ibhalele uGodongwana imcela ukuba angenele ekunyukeni kukaphethroli.
Imcele ukuthi ehlise intela ekhokhwa ngabashayeli bezimoto njalo uma betha uphethroli nodizili ngoba nayo yenza ubize kakhulu.
ISolidarity nayo iphakamise ukuthi uhulumeni asuse intela ekhokhwa kuphethroli ngoba ukube ayikho ngabe ilitha libiza uR16.66.
Iveze kuthi labo 20 cent bentela benza uphethroli nodizili ubize ngakho kufanele basuswe.
ICosatu iphakamise ukuthi kube nesikalo sokuthi uphethroli ubiza ungadluli emalini ethile ukuze kuvikelwe abashayeli bezimoto.
Ikhale ngokuthi intela ekhokhwayo okubalwa eya kwiRoad Accident Fund iyaxhashazwa njengoba le nhlangano ihluleka wukuphatha imali yayo.
I-Organisation Undoing Tax Abuse (Outa) ithe ngonyaka ozayo akufanele intela kaphethroli inyuswe, icele uGodongwana ukuba angayinyusi intela kaphethroli uma esenza isabelomali sakhe.
Isikhulu se-Outa uMnuz Wayne Duvenage sithe siyathemba ukuthi uGodongwana uzozibheka zonke iziphakamiso athunyelelwe zona ukuze athathe isinqumo esifanele ngodaba lukaphethroli omba eqolo.
Inhlangano eyenza ucwaningo ngokubiza kokudla iPietermaritzburg Economic Justice and Dignity Group, ithe ukunyuka kukaphethroli kunomthelela omubi ngoba kunyusa ukudla nezinga lempilo.
Icele uhulumeni wonkana ukuba angenele ukuze ehlise umthwalo emahlombe abathengi.
Iveze ukuthi kuyimanje igilosa yomndeni omkhulu ibiza uR4 272.44 okusho ukuthi izonyuka njengoba sekunyuke uphethroli nodizili.