UNGONGQOSHE wezaseKhaya uDkt Aaron Motsoaledi unxuse amalungu ePhalamende ukuthi alinde kuze kube neWhite Paper ezoveza umbono kahulumeni ngokuthi ucabangani ngesithembu sabesifazane.
Lokhu kulandela inkulumo mpikiswano ngalesi siphakamiso.
UMotsoaledi utshele iPhalamende ukuthi ulalele konke ukuphawula ngalesi sithembu.
Ilungu le-Al-Jamah uMnuz Ganief Hendricks, lithe eyalesi sithembu ayikho emthethweni.
UMotsoaledi uthe: “Lokhu akusona isiphakamiso sikahulumeni.”
Uthe akulindwe leli phepha ukuze kwaziwe ukuthi uhulumeni ucabangani.
Uqhube wathi kuyacaca ukuthi izwe lidinga umthetho omusha wezemishado.
“Uma ufuna ukushada kudingeka ukhethe ngaphansi kwemithetho emithathu. Le mithetho ayiniki amalungelo imishado yamaMuslim, Hindu kanjalo nenziwe ngaphansi kosiko lwamaJews.”
Uthe kuyona yonke le mithetho awukho ovimbela izingane ukuthi zishade yingakho ethi kudingeka ishintshwe imithetho.