UPHIKO oluphenya amacala athinta inkohlakalo i-Special Investigating Unit, luthi longe u-R8 billion onyakeni wezimali u-2023/2024, okuthiwa kuwumphumela wokusheshiswa kophenyo emacaleni nokuqoqa imali esuke ikhwatshanisiwe.
Inhloko yophiko u-Advocate Andy Mothibi, ngesikhathi yethula umbiko phambi kwekomiti elibhekelele ubuLungiswa nokuThuthukiswa koMthetho-sisekelo ePhalamende mayelana nokusebenza kwalo onyakeni wezimali odlule, ibalule iqhaza elibanjwe wuphenyo lwe-SIU ezinkampanini zikahulumeni okubalwa kuzo u-Transnet, u-Eskom nesikhwama esixhasa izitshudeni, i-National Student Financial Aid Scheme.
UMothibi uveze ukuthi ukubuyiswa kwemali engu-R2.28 billion ebikhwatshaniswe ngabathile, yimali enkulu kunazo zonke esezike zaqoqwa eminyakeni ewu-27 edlule.
“Lolu phiko luphinde lakwazi ukuvika ukulahleka kwemali engu- R2.32 billion, lwaqoqa u-R1.6 billion okukholakala ukuthi akuhanjiswanga ngendlela ngesikhathi kwenziwa izivumelwano. Ngosizo lwe-Special Tribunal neNkantolo ePhakeme kuleli, kuhoxiswe izinkontileka zika- R2.13 billion okutholakale kwabanaphutha ekunikezweni kwazo,” usho kanje.
Lolu phiko luthi luqoqe imali eyivile ku-R710 million ekhwabaniswe enkampanini u-Transnet, kube wu-R500 million oqoqwe kwa-Eskom. Yisamba sika-R191 million ophenyweni nge-Nsfas ngo-2023/2024. UMothibi ugcizelele impumelelo yalolu phiko ekuhlonzweni kwemali engu-R1.98 billion okukholakala ukuthi yakhatshwaniswa kumangalelwa izibhedlela ngamacala obudedengu awombombayi.
I-SIU ithi phothule uphenyo emacaleni angu-1,919, yadlulisela kumengameli imibiko yophenyo engu-26. Kule mibiko kubalwa owophenyo nge-National Lotteries Commission, Passenger Rail Agency South Africa (Prasa), yiHhovisi lika-Master nolwe-Nsfas.
Zingu-297 izikhulu kuhulumeni ezidluliselwe ezikhungweni ezingaphakathi zikahulumeni yilolu phiko, ukuthi ziqondiswe izigwegwe ngokwenza okungalungile.
Umbiko we-SIU uveza ukuthi angu- 583 amacala obugebengu adluliselwe ophikweni lwezokuShushiswa koMphakathi aphenywa yilolu phiko.