INHLANGANO elwela amalungelo abantu i-Black Sash, seyizwakalise ukukhathazeka, ngokucwila kwezaguga ezihola impesheni kahulumeni nabesifazane abathola isibonelelo sezingane ezikweletini zomashonisa.
Embikweni wale nhlangano, kuthiwa kuwumkhuba womashonisa ukununusela ngemali ezalayo abathola izibonelelo zikahulumeni, ikakhulu izaguga nabesifazane abanezingane ezithola lesi sibonelelo.
Kuthiwa omashonisa bagcina amakhadi empesheni noma omazisi balabo abasuke beboleke imali ukuqinisekisa ukuthi bayaqhubeka nokuba amakhasimende abo ahleze ekhokha inzalo emba eqolo.
UNksz Amanda Rinquest we-Black Sash, ekhuluma ne-Newzroom Afrika, uthe ocwaningweni lwale nhlangano lweminyaka emithathu, baxoxisane nabevile ku-200 abasezinhlakeni zomphakathi, nokuyilapho beqoqe khona ulwazi ngengcindezi elethwa womashonisa kulabo abahola imali yesibonelelo.
“Ngesikhathi kuqhubeka lolu cwaningo, udaba olungolunye lwezibuhlungu kakhulu esizitholile, olwenzeke e-Zeerust (esifundazweni i-North West), lapho sithole ukuthi omunye obecwilile, umashonisa ubemkhiphela imali amthengele impuphu ewu-10kg namathambo enyama yenkomo bese yonke imali esalayo ayithathe,” usho kanje.
Uthe bona njengenhlangano bayakuqonda ukuthi kungani abathola lesi sibonelelo bezithola bekulesi simo ngenxa yokuthi imali abayitholayo ayenele.
Le nhlangano ithe ithole ukuthi abathola izibonelelo zikahulumeni abakwazi ukuboleka imali ezindaweni ezigunyaziwe njengoba beyaye batshelwe ukuthi abahlangabezani nezidingo kwazise kubhekwa lezi zikhungo njengamabhange, zibheka ziboleke abantu abasebenzayo.
Embikweni wale nhlangano, iphakamise ukuthi kube nokusebenzisana eminyangweni kahulumeni, ubalule iHhovisi likaMgcinimafa, owezokuThuthukiswa koMphakathi noMnyango wezaseKhaya ukubhekana nale nkinga ekhona emphakathini.
Esinye isiphakamiso esokuthi uhlaka olubheka abacwile ezikweletini i-National Credit Regulator ne-National Financial Ombud Scheme SA besebenzisane ukuqhuba imikhankaso ezifundazweni ezehlukene ukufundisa abantu, ukuqinisekisa ukuthi abagcini betsheleka imali komashonisa ababolekisa ngokungemthetho.
Okhulumela i- South African Social Security Agency KwaZulu-Natal uNksz Sandy Godlwana, uthe izibonelelo zikahulumeni okubalwa nesezingane, zenzelwe ukwehlisa izinga lobubha.
“Kuyakhathaza ukuthi kwabathola lesi sibonelelo kukhona abasisebenzisa njengendlela yokuboleka imali, okuyinto eshayisanayo nenhloso yokunikezwa kwalesi sibolelo. I-Sassa iunomthwalo wokuqinisekisa ukuthi izibonelelo zisetshenziswa ngendlela eyiyo,ikakhulu esezingane ukuqinisekisa ukuthi zihlangabezana nezidingo zazo, ” usho kanje.