UMNTWANA wakwaPhindangene, uMangosuthu Buthelezi odlule ezintatha zanamuhla, uhlonishwe esaphila. Lokho kugqame ngokuthi izindawo eziningi ziqanjwe ngegama lakhe.
Kuzona zonke izindawo eziqanjwe ngegama lakhe, efike yagqama kakhulu kube yisikhungo semfundo ephakeme eMlaza, iMangosuthu University of Technology. UButhelezi wabamba elikhulu iqhaza ekusungulweni kwalesi sikhungo, kwazise ubengumuntu ozifelayo ngemfundo kanti naye ubefundile kakhulu.
Kulona leli lokishi okungelesibili ngobukhulu eNingizimu Afrika, kunomgwaqo oqanjwe ngaye futhi uButhelezi, owaziwa ngeMangosuthu Highway.
Uma uya oLundi, sekunesikhumulo sezindiza esibizwa ngePrince Mangosuthu Airport kanti kuphinde kube nenkundla yemidlalo khona oLundi ebizwa ngaye.
Uma uya eNquthu kunomgwaqo obizwa ngeMangosuthu Drive kanjalo nasePiet Retief.
Ziningi nezinye izindawo eziqanjwe ngalo mholi obekuwuphawu lokumhlonipha. Enye yazo ikuMasipala iKing Cetshwayo ngaphakathi, kunendlu ebizwa ngaye. EMzinyathi kunomjaho obizwa ngaye futhi kanjalo nomdlalo webhola oyaye ubekhona kanye ngonyaka.
Umengameli wokuqala omnyama kuleli uDkt Nelson Mandela wamenza ungqongqoshe wezaseKhaya, ubephinde amenze uMengameli uma engekho eNingizimu Afrika.