UKUZISEBENZA kunezinselelo eziningi ezingagcina zisiwisa kwesikwenzayo kodwa kumele sifunde ukuzilawula, sizibambe zishise, singakhubeki endleleni uma sekunezivunguvungu.
Lokhu kushiwo uNksz Desiree Ngema wenkampani ebhaka iphinde idayise amakhekhe enesitolo esidayisa ikhofi namakhekhe iDesbaked, esisenkundleni yezemidlalo iMoses Mabhida.
I-Desbaked yadla umhlanganiso emncintiswaneni wosomabhizinisi ohlelwa yiHollywood Foundations, iBambelela Business Awards ngasekuqaleni konyaka. NgoLwesihlanu, uNksz Ngema ubemukela izinsiza kusebenza ezibiza u-R100 000, awuwina.
IHollywood Foundation nezinkampani ebambisene nazo kuzo okukhona neSolezwe zihambele umcimbi wokunikezwa kukaNksz Ngema izinsiza kusebenza.
UNksz Ngema uthe ukuthola izinsiza ezifana nohhavini omkhulu nomshini wokukuxova inhlama kuzomsiza ekutheni akwazi ukwenza umkhiqizo omningi aphinde engeze nabasebenzi.
"Ngike ngabhekana nesivunguvingu seCovid-19, ngisanda kuqala ukusebenzela endaweni engaphandle kwasekhaya. Ngakwazi ukusinqoba ngama, langavalwa ibhizinisi. Nyakenye, lapho ngisebenzela khona ugesi uke wahamba amasonto amathathu okwangibuyisela emuva kakhulu ngoba izindleko ze-generator zazinkulu okwaholela ekutheni ingabikhona inzuzo ngomsebenzi engiwenzile. Bengiphila ngokuthandaza ngibuza kuNkulunkulu ukuthi ngabe sekufike isikhathi sokuthi ngivale yini noma ukhona umnyango ezovuleka? Ngempela kwaba njalo ngabona isikhangiso saseHollywood. Ngangenela kanti ngizowina," echaza.
UMnuz Simo Vilakazi we-Hollywood Foundation, uthe bayabeseka osomabhizinisi abafana noNksz Ngema abakwaze ukuyibamba ishisa.
"Uhlelo lwethu lokulekelela osomabhizinisi luhlose ukuthi lusize ukuze amabhizinisi asuke esekhona angawi nokusiza ekutheni kuvuleke amathuba omsebenzi. Ukunikeza uNksz Ngema umklomelo kuqondane nokuthi kule nyanga sibungaza imbokodo eyibambe ishisa emikhakheni eyehlukene. UNksz Ngema ungomunye wabantu besifazane esibabungazayo," kusho yena.
UMnuz Siyanda Ntenga weDream Business Hub, okuyiyo esiza iHollywood ngezinhlelo zokuthuthukisa osomabhizinisi, uthe uNksz Ngema wabashaya emakhanda bonke osomabhizinisi abangaphezu kuka-320 ayeqhathwe nabo.
Umhleli weSolezwe, uMnuz Thulani Mbatha, uthe iphephandaba libone kufanele ukuthi libe yingxenye yothuthukiswa kosomabhizinisi ngokuthi libhale izindaba zabo ezikhuthazayo.
"Sijabula kakhulu uma sibona abesifazane bephumelela ngoba nathi njengephephandaba abafundi bethu abaningi ngabantu besifazane, abakhuthazekayo ngokubona abanye bephumelela," kusho uMbatha.