UNGENISWE esikhungweni sokuhlola ingqondo owesifazane othukuthele waphosa usana olubomvana ngewindi esibhedlela eNewcastle, lwaphahlazeka phansi kepha lwasinda.
Owesifazane ongeke adalulwe, kuthiwa ugile umhlola kungazelele muntu, kwakhuzwa kwabatshazwa esibhedlela. Kuthiwa amaphoyisa abiziwe alusingatha udaba kodwa kwaba nesiphakamiso sokuthi ayiswe kodokotela bengqondo ngoba isenzo sakhe siyasolisa.
Kuthiwa usana luphoswe lwawa endaweni engu-1.6 wamamitha lwalimala kodwa alwangashona lwangeniswa egunjini labagula kakhulu lapho luxilongwa khona.
Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uMnuz Ntokozo Maphisa uqinisekisile udaba wathi bawutholile umbiko.
“Sikhona impela isigameko lapho unina wengane kuthiwa uyiphose ngewindi. Kumanje ingane isegunjini labagula kakhulu futhi isesimeni esethembisayo ifakelwe umoya.
“Unina wengane uthunyelwe esikhungweni esihlola ingqondo. Udaba lubikiwe emaphoyiseni. Nakuba udaba lusaphenywa kodwa uthintiwe uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uzolekelela ngokutholela ingane indawo ephephile,’’ kuchaza uMaphisa.
Ungoti wezempilo uDkt Bongani Nxumalo, uthe kuyenzeka umuntu osanda kubeletha abe nezinkinga ezifuze lezi.
“Kuyenzeka kube nokhwantalala ngezinkinga abenazo ngesikhathi ekhulelwe. Kufanele ahlolwe ngazikhathi zonke umuntu emuva kokubeletha ukuze kubonakale ukuthi konke kuhamba kahle yini. Iyahlupha into enjalo ngoba yenzeka kungazelele muntu yikho kufanele kugadwe ngempela,’’ kusho uDkt Nxumalo.
Uthe umzimba womuntu usebenzisa inhlanganisela yezinto eziningi okubalwa umqondo nezinso okuxhumanayo. Uthe ukhwantalala kungaphazamisa ukusebenza komuntu agcine enza izinto ezixakile.
Ugcizelele ukuthi ukwelusa umuntu osanda kubeletha ahlolwe kahle kuwukhiye wokugwema lezi zimo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant-Colonel Nqobile Gwala ukuqinisekisile ukuthi kunecala lokuzama ukubulala.
ULt-Col Gwala uthe umsolwa kumanje uhlolwa ingqondo.