SIPHELILE isikhathi sokuxoxa ngezinhlelo zokufukula ezokuvakasha kepha yisikhathi sokukhweza imikhono kusetshenzwe, kubeka uNgqongqoshe wezokuVakasha ezweni, uNkk Patricia de Lille.
Ungqongqoshe wenze ikhwelo izolo, ngesikhathi evula ngokusemthethweni umbukiso wezokuvakasha, i-Africa’s Travel Indaba.
“Angiyena umuntu othanda imihlangano nokukhuluma into, engathi shu! Ngingumuntu owenzayo onezinhlelo ezicacile zokuthi ngizozishintsha kanjani izinto. Ziningi kakhulu izinhlelo ezishoyo ukuthi sizowufukula kanjani umkhakha wezokuvakasha, asenze lokho esikushilo. Ngeke sihlale sikhuluma njalo,” kweluleka uNkk de Lille.
Uthe ngonyaka ozayo uma esenguNgqongqoshe wezokuVakasha, uzobe ekhuluma ngezinto asezenzile.
Ubalule ukuthi unezinyanga ezimbili kodwa usezishintshile izinto waxosha ibhodi elahlanganisa isivumelwano seSA Tourism, neTottenham. Ngakho ungumuntu ozoshanela konke ukungcola alethe okuhle.
Uzidonse ngezindlebe izinkampani zokuvakasha, wathi kumele zehlise intengo ngo-50% ngoSepthemba uma kugqugquzelwa abantu bakuleli ukuthi bavakashe.
Wathi ngeke uhulumeni afukule ezokuvakasha yedwa kodwa udinga osomabhizinisi nomphakathi bafakae igxalaba.
UNkk de Lille uqhube wathi ezokuvakasha ziyathuthuka kancane uma bebheka izibalo zangaphambi kweCovid-19, nalapho sezikhona njengamanje. Uthe kufanele zonke izifundazwe zixhase osomabhizinisi abancane ukuze bakhangise kwi-Africa’s Travel Indaba, bakwazi ukubonwa wumhlaba.
UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube uthe, bafuna iKwaZulu-Natal ibe yikhaya le-Africa’s Travel Indaba ngoba akukho inakho konke okudingwa yizivakashi.
IMeya yeTheku, uMnuz Mxolisi Kaunda nayo ithe bazokwenza konke okusemandleni ukubonisa ababheka izicelo zamazwe ngalo mbukiso ukuthi kufanele uhlale kuleli dolobha. Iveze ukuthi izibalo zakamuva zithi kungene uR3.3 billion eThekwini, bakwazi ukugcina amathuba omsebenzi awu-6724.
UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha neMvelo KwaZulu-Natal, uMnuz Siboniso Duma, uthe uyadlondlobala umkhakha wezokuvakasha njengoba sekufike izivakashi eziwu-7.6 million zakuleli, kwangena uR19 billion emnothweni waKwaZulu-Natal.