KUHLEHLISWE uMkhosi weLembe obuzoba senkundleni iMoses Mabhida kusasa emuva kokudlula emhlabeni kweZinyane leSilo, uMntwana, uButholesizwe Zulu. Ngokusho kokhulumela iNdlunkulu kaZulu, uMntwana uThulani, iZinyane lidlule kuthangi ngemuva kokuxinwa wukugula. UsungoSepthemba 29.
“Usuku lwangeSonto obekuzokwenziwa ngalo umkhosi, sekuzofihlwa ngalo iZinyane.”
UButholesizwe (30), ubewuMntwana wesithathu emazinyaneni eSilo azalwa nguNdlunkulu wakwaDlamahlahla, uKaMathe.
Isolezwe ngoMgqibelo lithole ukuthi uButholesizwe ulamana noMntwana uSibusile, uMntwana uPhumuzuzulu, uMntwana uNhlanganiso, uMntwana uBuzabazi noMntwana uSihlobosenkosi.
NoMnyango wezobuCiko namaSiko kulesi sifundazwe ukhiphe isitatimende esikuqinisekisile ukuthi lo mkhosi sewuhlehlile kodwa wanxusa ukuba konke kubuzwe kuMntwana uThulani.
Okhulumela lo mnyango uMnuz Mack Makhathini uthe akukho zinhlelo ezitheni eziphazamisekile ngokuhlehla koMkhosi weLembe.
“Sizolinda nje iSilo simemezele usuku olusha," kusho uMakhathini.
UMakhathini uthe bathathe isinqumo sokuthi uMkhosi weLembe usondezwe nganeno ngoba befuna ukuthi ungashayisani nomcimbi woSuku lwamaGugu lukazwelonke oluzogujwa eKokstad.
EMkhosini wamaGugu kuzokhuluma iPhini likaMengameli wezwe, uMnuz David Mabuza.
Kuvela lesi sifo nje eNdlunkulu, bekunesasasa lokuthi lo wumkhosi ozokwehluka kweminye kwazise uZulu ugubha iminyaka ewu-200 iLembe
uShaka kaSenzangakhona labumba isizwe samaZulu. Lo mgubho waminyaka yonke ubuyela eThekwini okwesibili njengoba ngo-2016 wawukule nkundla.
Lo mcimbi ngokwejwayelekile wenziwa KwaDukuza. Nosihlalo wezinduna emahostela aseThekwini uPhumazidle Majola uthe likhulu isasasa emabuthweni aseThekwini ngesinyathelo seSilo sokuletha umkhosi eMabhida, obekulindeleke ukuba uhanjelwe nangumholi waseBuhleni uNyazilwezulu.
INkosi uMangosuthu Buthelezi ongundunankulu weSilo uthe ukuhlehliswa kwalo mkhosi kuhambisana nokuhlonipha iNdlunkulu ngokuyehlele.
“Lo mkhosi uhlehliselwe uSebthemba 29 ukuze iNdlunkulu ikwazi ukuzila kahle,” kusho uButhelezi esithangamini nabezindaba eThekwini izolo.