UJEZISWE ngokuhlawuliswa ngenkomo ehamba ngezinyawo, kwamiswa nebandla lakhe uMphrofethi wesifazane, obesolwa ngokucwiya izidumbu.
UMphrofethi Qokwane Mncube, webandla labasindisiwe iThe Fellowers of Jesus Christ, laseMpendle, esizweni saKwaNxamalala, ubemangalelwe yimindeni ekhonza ebandleni enkantolo yesizwe.
Umphrofethi ubengundabamlonyeni ezinyangeni ezedlule, esolwa yimindeni ngokushemula izinwele negazi lezidumbu azicwiye zisemakhazeni, kuthiwa ubekugoqa ngeshidi elimhlophe ahambe nakho. Kuthiwa uma ilungu lebandla lisemakhazeni, ubefika nomndeni awutshele ukuthi uzothandazela isidumbu ngaphambi kokuthi sisuswe emakhazeni, bese egila imikhuba.
Kunezinsolo zokuthi uma enze lo mkhuba esidunjini selungu lomndeni nakanjani kunamalungu azolandelana nawo ashone.
Ngemuva kokuhlala kwecala nokwethulwa kobufakazi obebuvela emindenini engaphezu kwemihlanu, umphrofethi ulahlwe yicala. Ngemva kwalokho inkosi yesizwe, uMnuz Simphiwe Zuma, imhlawulise inkomo yalimisa nebandla ukuthi likhonze endaweni.
Inkosi uZuma ethintwa yiSolezwe Ngempelasonto, ukuqinisekisile ukuthi impela umphrofethi uvelile enkantolo yesizwe.
"Kuyiqiniso ukuthi umphrofethi simhlawulise inkomo ehamba ngezinyawo. Asizange sigcine lapho sibe sesithatha nesinqumo sokuthi sikumise ukukhonzisa kwakhe ibandla kule ndawo,'' kuchaza uZuma.
Inkosi ikhale ngokuthi lokhu okuthiwa bekwenziwa ngumphrofethi bayakweshwama kule ndawo.
"Into enjengalena siyayiqala ngqa, kule ndawo. Angiboni ukuthi iyophinde ibe khona. Yingakho nje, simhlawulisile savala nebandla,''usho kanjena.
Uthe umphrofethi ubengakayilethi inhlawulo wathi kodwa kunesikhathi esithile akalelwe sona ukuba singashayi engakwenzile lokhu.
"Isizathu esidale ukuthi simlahle ngecala ukuthi ofakazi bonke bebekhononda ngento efanayo. Bonke futhi bebesho into efanayo okuthiwa beyenziwa uMphrofethi kwizidumbu zabo,'' kuchaza iNkosi.
Elinye ilungu lomndeni elaba yisisulu salokhu lithe lijabule ngalokhu. Lithe kumfanele ukujeziswa umphrofethi ngezinto ezimbi azenza kubona.
"Siyajabula ukuthi inkantolo yesizwe imthole enecala. Inkulu lento abeyenza ezidumbini zethu. Phela lo mama ubedlala ngathi lokhu okwangampela,'' usho kanjena ecela ukuba kugodlwe igama lakhe.
IKhansela lendawo uMnuz uMnuz Neliswa Ngubane, nalo lithe liyazi ngalesi sinqumo senkosi. Uthe ibashiye nenqwaba yemibuzo lento ebeyenziwa yilo mphrofethi.
Ethintwa umphrofethi belungabanjwa ucingo lakhe kuze kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.
Phambilini waphawula ngalesi senzo sakhe ephephandabeni. Wathi kunezinto eziyisiko lebandla lakhe abanye abantu abangaziqondi. Wenqaba ukunaba kabanzi ngazo, wthi ziwumkhuba wangaphakathi oyimfihlo.
Kuvela nokuthi umyeni kamphrofethi, uMnuz Lalalelani Mncube, wadlula emhlabeni ngendlela engaqondakali ngemuva kokuba kade ‘ethandazelwe’ nguyena uMphrofethi.