KUSOLWA ukuthi kukhona abathile abaphume umkhankaso wokungqongqisa imizi, eGroutville kuMasipala waKwaDukuza okuyisenzo esesihlalise lubhojozi umphakathi kuleya ndawo.
Ikhansela kule ndawo, uMnuz Thubelihle Dube, nalo elingomunye oshiselwe umuzi nemoto ngoJulayi, nyakenye, likhuluma neSolezwe, lithe mihlanu imizi emikhulu endaweni eshisiwe ngendlela engacacile esikhathini nje esingaphansi kwezinyanga ezintathu, osekuhlalise kabi umphakathi.
Esigamekweni sakamuva esishiye umndeni wakwaMabuza usele dengwane ngesikhathi kusha indlu, imoto nempahla, senzeke ngezintatha zangoMsombuluko.
“Sikholwa ukuthi kukhona abathile abaphume umkhankaso wokucekela phansi ngomlilo imizi yabantu endaweni. Ngaphandle komuzi wami nemoto okushiswe nyakenye, ezinyangeni ezintathu nje kuphela sekushe umuzi wakwaCele, owakwaVilakazi, Makhathini, Mhlongo njengoba sekusha lona wakwaMabuza. Okushaqisayo ukuthi yonke imizi iningi layo isha kulelwe futhi isikhathi esiningi kusuke kungesiyo inkinga kagesi ngoba usuke uvele ukhona, ungakaze uhambe,” usho kanje uDube.
Uqinisekise ukuthi balekelelile ngezingubo zokulala nezijumbane zokudla emndenini wakwaMabuza osanda kwehlelwa yilo mshophi kanti bekulindeleke ukuthi aboMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi bafike njengoba bezolekelela ukweluleka umndeni ngokwengqondo nangezinye izinsiza kulesi sikhathi obhekene naso.
UMnuz Moses Mabuza oyinhloko yomndeni, uthe nakuba kukhona izimoto zakhe ezimibili ezisinde kulo mlilo asola ukuthi kukhona othile owokhele ngesikhathi belele, ubonga amalungu omphakathi asukumele phezulu asiza ukumgudluzela zona.
“Izimoto ezimbili nomazisi namaphepha ezimoto kuphela ezimpahleni ezisinde kule nhlekelele. Bese silele ekhaya ngesikhathi ngivuswa yi-alamu ebelixhwayisa ngokuthi kukhona okushayo. Ngesikhathi ngingena egaraji ngiqaphele ukuthi imoto iyashunqa intuthu. Ngiyiphushele phandle kwegaraji kodwa umlilo ugijime phansi engikholwa ukuthi bekuchelwe uphethroli, kokheleka indlu. Izingane nonkosikazi bakwazile ukuphuma bengenamyocu kodwa asikwazanga ukukhipha impahla ngaphandle kwezimoto nazo esilekelelwe kuzo umphakathi,” kusho uMabuza.
Uthe nakuba engekho olimalile kwamanye amalungu omndeni kodwa yena uthole izibazi zokusha ngesikhathi ezama ukucisha imoto, kanti ngesikhathi ekhuluma neSolezwe izolo, uqinisekise ukuthi ubesasesibhedlela lapho alashwa khona.
“Kunzima ukuthi ngingasola bani ngoba akekho umuntu engike ngaxabana naye noma engingezwani naye endaweni. Izingane aziyile esikoleni njengoba kungqongqe umfaniswano nezincwadi. Sisafihle amakhanda ezihlotsheni. Sisele nesikugqokile, akukho ngisho izingubo zokwembatha,” kubalisa uMabuza.
Imizamo yokuthola ukuphawula kwamaphoyisa mayelana nalesi sigameko ayiphumelelanga.