IMEYA kaMasipala waseThekwini, uMnuz Mxolisi Kaunda, inengwe yinkulumo yomholi we-IFP, uMnuz Velenkosini Hlabisa, ethi iTheku lingcolile.
UKaunda ukhwele wadilika kuHlabisa emsola ngokuhambela kuphela izindawo ezinenkinga.
Uthe uHlabisa angeke aziqonde izinkinga ezibhekene nalo masipala ngoba akakaze abe yimeya kamasipala omkhulu njengeTheku.
Lokhu ukusho ehehebeni lombhalo alifake ezinkundleni zokuxhumana lapho ebephendula khona inkulumo kaHlabisa.
Enkulumeni yakhe, uHlabisa uthe ukungcola kwedolobha kuxosha izivakashi.
UHlabisa ubekhuluma ngesikhathi evakashele izindawo ezahlukene kuleli dolobha, lapho ebehlola khona ukulungela kwalo ukwamukela izivakashi njengoba sekuqale amaholidi kaDisemba.
Kulolu hambo obelungoLwesithathu, uHlabisa uhambele izingxenye ezahlukene zedolobha ezikhungethwe inkinga yobugebengu nokungcola.
Ezindaweni azihambele kubalwa naleyo egcwele abantu abahlala emgwaqweni, i-Albert Park, waphinde wayohlola namabhilidi angasanakiwe.
Emva kokuphothula uhambo lwakhe, uHlabisa uthe ubuholi bomkhandlu buyahluleka ukwenza umsebenzi.
UKaunda uthe ziningi izindawo ezinhle eThekwini uHlabisa akhethe ukungazihambeli.
“UHlabisa bekumele nimqalise lapha eSibaya Development abone inxanxathela yezitolo entsha nezindawo zokuhlala ezintsha. Bekufanele aye eMdloti ayobona umsebenzi owenziwe wumasipala ukuvuselela leya ndawo emuva kwezikhukhula, adlule e-Oceans Mall, Gateway, Cornubia Development, nimyise eBridge City, abone ihhotela i-The Octavia eTafuleni.”
UKaunda uthe umasipala uyazazi izinkinga ezisezindaweni ezihanjelwe uHlabisa.
Uthe kuyinto ejwayelekile ukuthi emadolobheni amakhulu abatshali bezimali bashintshe indawo endala, baqale izakhiwo endaweni entsha, nathe lokhu kuholela ekutheni indawo endala igcine ingasanakiwe.
“Amaningi amadolobha anjengoNew York, Boston, Copenhagen namanye ayesebole ngaphezu kweTheku, engcolile, kungalandelwa imithetho yedolobha futhi nezinga lobugebengu liphezulu. Bheka namhlanje asevuselelwe asezingeni lomhlaba.”
UKaunda uthe sebeqale uhlelo lokwazi wonke umuntu ongena edolobheni ukuthi usuka kuphi nokuthi yini emlethe lapha.
Uthe akulula ukususa laba bantu abahlala phansi kwamabhuloho, wathi bavikelwa yizinhlangano zamalungelo abantu.
Uthe bayaqhubeka nokungenelela odabeni lwamabhilidi angasanakiwe, wathi baxoxisana nabanikazi balezi zakhiwo.
UKaunda uthe uHlabisa angeke akuqonde okuningi ngoba akakaze abe imeya kamasipala omkhulu.
UHlabisa wayeyimeya kaMasipala iBig Five Hlabisa.