UHLABANE ngomklomelo wokuba uthisha wePhysical Science ovelele emhlabeni uthisha wakuleli emncintiswaneni, iGlobal Teacher Award 2022, eNew Delhi e-India ngempelasonto.
UNkk Xolile Nkabinde-Sibisi, odabuka Osizweni, eNewcastle, kodwa ofundisa iSayensi kwaGrade 12 eDaliwonga Secondary eGoli, uthi kufezeke iphupho lakhe leminyaka enqoba.
Ezinyangeni ezimbili ezidlule Isolezwe libike ngosizi lalo thisha obentula imali yezindleko zokuya kulo mncintiswano, ecela uxhaso kubantu.
Uhlabane ngesitifiketi nendondo yokuba uthisha ovelele wePhysical Science eqwaqwada emakhanda othisha abebevela emazweni angu-153.
Ubonge bonke abantu abelule isandla, ikakhulukazi labo asondelene nabo okungabangani kakhe nomyeni wakhe abawe bevuka naye.
“Kube yithuba elishintsha impilo yami ukunqoba nokuhlangana nabantu abavela emhlabeni jikelele. Lokhu kufake ugqozi lokuthi ngivule isikole sami esizofundisa iMathematics nePhysical Science, ngilekelele kakhulukazi abantwana abaphuma emindenini edonsa kanzima,” kusho lo thisha.
Uvele unenkampani engenzi nzuzo acija ngayo abafundi iSayensi aphinde acobelele kuyo ozakwabo indlela namasu alula okufundisa lesi sifundo esithathwa njengesinzima.
UNkk Nkabinde-Sibisi ube esenxenxa uMnyango weMfundo eyisiSekelo ukuthi uxhase othisha uma kuvela amathuba afana naleli elimvelele.
Uthe ngesikole afuna ukusivula uhlose ukuthi anike ithuba elifanayo abantwana abaswele nelalabo abanotho.
“Abantwana abaswele bancisheka amathuba ezindaweni lapho kukhokhwa khona. Ngifuna bathole imfundo yamahhala eseqophelweni eliphezulu bangavinjwa ukuthi abanamali,” kusho uNkk Nkabinde-Sibisi.
Lolu qweqwe lukathisha luqale ukufundisa ngo-2007 eyitoho, evala isikhala sikathisha owayeyoteta. Usefundise ezikoleni eziKwaZulu-Natal, eMpumalanga naseGauteng.