SATHUSA umphakathi isenzo sowesilisa ongujele egenca umkakhe ngocelemba kukhona indodakazi yabo ibuka.
USimphiwe Mxosa oneminyaka engu-48 ubudala, ugwetshwe udilikajele yinkantolo eNkulu yase-Eastern Cape ngecala lokubulala.
UMxosa uneminyaka engu14 esebenza njengojele esikhungweni sokuhlunyeleliswa kwezimilo iWest Bank Prison Quarters e-East London.
Yize uMxosa nomkakhe babedivosile ngokusemthethweni, baqhubeka nokuphila njengabashadikazi ngokuhlonipha usiko nesintu, yize behlala ngokuhlukana babevakashelana.
Ngosuku olwandulela olwesehlo, unkosikazi kaMxosa wakubeka ngembaba ukuthi usemlahla okwangempela ngemuva kwesigameko sokumshaya.
Ngomhla ka-1 Mashi 2022, lo nkosikazi wayehamba nendodakazi yabo eyolanda izimpahla zakhe endaweni eyayihlala uMxosa. Lo mlisa wayekhona ngesikhathi umkakhe eqoqa wabuza ukuthi umlahla ngempela yini.
“Kuthiwa akazange aphendule lo wesifazane kulo mbuzo kodwa waqhubeka nokuqoqa. UMxosa wazenza umuntu omlekelelayo ngokuthatha izicathulo ngaphansi kombhede, kanti ukhipha ucelemba amgenca ngawo,” kusho uLuxolo Tyali.
Indodakazi yabo yathuka ibona isenzo sikayise, yaphuma ibaleka ihlaba umkhosi ngokwenziwa nguyise.
“Ingane yabo yabaleka yahlaba umkhosi ibikela umphakathi ngokwehlele unina. Umsolwa wabanjwa ngalo usuku lwesehlo ephuza nabangani bakhe,” kuqhubeka uLuxolo Tyali.
Inkantolo igwebe uMxosa udilikajele, yakhipha nomyalelo wokuthi akafanelwe ukutholakala nesibhamu.
Inkantolo iphinde yakhipha umyalelo wokuthi izingane zikamufi nogogo wazo kumele bathole usizo lokwelulekwa ngengqondo, bathole nezinye izinsiza eMnyangweni wezokuThuthukiswa koMphakathi.