KUVELE ukuthi uNokubongwa Fortunate Dubazane obeneminyaka engu-35 wabulala uzakwabo owayezothatha ikhefu lokukhulelwa, ngethemba lokuthi uzoqashwa unomphelo esikhundleni sakhe.
UHlengiwe Christina Ndaba ubeneminyaka engu-35 ubudala futhi enezinyanga ezisishiyagalombili ekhulelwe ngesikhathi ehlaselwa futhi ebulawa ngesihluku.
Le ntokazi ebinguthisha esikoleni esisendaweni yaseMangwe yatholakala ishe yangqongqa nemoto eyayicashiswe ehlathini elise-Emmause, eWinterton.
Amaphoyisa asebenza ubusuku nemini ezama ukufuna ulwazi ngomufi ngoba nemoto atholakala kuyo yayinezimbobo zenhlamvu, kubonakala ukuthi yadutshulwa.
“Ulibofuzo olwenziwa esidunjini yilona elwakhomba umufi, kwavela nokuthi wayenezinyanga eziyisishiyagalombili ekhulelwe,” kusho uColonel Thembeka Mbele ngesitatimende sokuqala esakhishwa ngamaphoyisa ngo-2020.
Uphenyo lwamaphoyisa lwawaholela kuNokubongwa Dubazane ngomhla ka-1 Septhemba naye onguthisha futhi owayesebenza nomufi.
Imibiko eyavela yathi uDubazane waphathela umufi ukudla, okukholakala ukuthi kwakufakwe ushevu. Ngokuhamba kwesikhathi, umufi wazizwa entekenteke, okuyilapho athathwa khona wuzakwabo wamhambisa emzini kamsolwa wesibili uMqapheli Miya owayeneminyaka engu-46 ubudala.
“Umufi wahanjiswa endlini kaMiya ngoba esentekenteke okuyilapho wafike waklinywa khona waze wafa anduba kuthathwe isidumbu sakhe silahlwe emotweni yakhe ehlathini, sangqongqiswa khona,” kusho uConstable Thenjiswa Ngcobo okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal.
UMiya waboshwa ngomhla ka-3 Septhemba 2020 sekuvela ukuthi uyathinteka ecaleni.
“Uphenyo lwamaphoyisa aseWinterton lwaqhubeka kwaze kwabanjwa omunye umsolwa wesithathu, owatholwa ebhace elokishini eTembisa eGauteng,” kusho okhulumela amaphoyisa.
Umsolwa wesithathu, okunguNkosingiphile Morris Ngubane waboshwa ngomhla ka-26 Septhemba 2020. Lo msolwa walivuma icala lokubulala, washeshe wagwetshwa udilikajele ngesikhathi kusaqhubeka ukuqulwa kwecala likaDubazane noMiya.
“UNgubane wagwetshwa yiNkantolo yeMantshi e-Estcourt ngomhla ka 22 Okthoba 2020 ngesikhathi abasolwa ababili beqhubeka nokuvela eNkantolo yeMantshi eColenso.
Icala likaMiya noDubazane ladluliselwa enkantolo yesiFunda eMnambithi, okuyilapho begwetshwe khona ngemuva kweminyaka emithathu kwenzeka icala.
Laba bobabili bagwetshwe iminyaka engu-25 umuntu emunye ngecala lokubulala.