UGIXABEZWE iminyaka engu-12 ebhadla ejele owesilisa waKwaDukuza olahlwe yicala lokubamba inkunzi.
Ngokusho kokhulumela iNational Prosecuting Authority (NPA) uNkk Natasha Ramkisson-Kara, iNkantolo yesiFunda yaKwaDukuza imnike lesi sigwebo uSicelo Ngiba (26) ngecala alenza ngoSepthemba nyakenye.
UNkk Ramkisson-Kara uthe wabamba owesifazane inkunzi eShakaskraal.
“Umgilwa wayeyogibela itekisi eya emsebenzini ngesikhathi ehlangana noNgiba, owamphuca isikhwama sakhe esasinemali, ikhadi lasebhange neselula,” kusho uNkk Ramkisson-Kara.
Uqhube wathi umgilwa noNgiba basibanga isikhwama, umgilwa engafni ukusidedela, uNgiba waze wakhipha ummese wamgwaza emunweni.
“Wagcina ethatha iselula kamgilwa, wasishiya isikhwama sakhe,” kulandisa uNkk Ramkisson-Kara.
Uthe lesi sigameko saqoshwa ikhamera yenkampani yonogada eyayiseduze nendawo yesigameko, kanti okuqoshiwe kwasatshalaliswa indawo yonke.
“Lokhu kwaholela ekutheni aboshwe uNgiba esikhathini esingangesonto emva kwesigameko,” kusho uNkk Ramkisson-Kara.
Ngesikhathi kuqhubeka ukuqulwa kwecala, uMshushisi woMbuso u-Advocate Nokwanda Mthembu udlale okwaqoshwa amakhamera.
Waphinde wahola ubufakazi bomunye wabangani bakaNgiba, owamphelezela eyodayisa iselula, waphinde wabiza nomuntu owadayiselwa yona.
UNkk Ramkisson-Kara uthe bayasemukela isigwebo anikwe sona uNgiba.