UGWETSHWE iminyaka engu-6 ebhadla ejele owayeyisikhulu esiphezulu sophiko oluphenya amacala athinta inkohlakalo, eGoli, iSpecial Investigating Unit (SIU), uSifiso Phillip Kunene (54).
UKunene ugwetshwe yinkantolo enkulu yesiFunda yaseThekwini ebhekelele amacala athinta ezezimali. Kule minyaka kube sekulengiswa emibili.
Ugwetshelwe icala lokukhwabanisa imali yakwaRoad Accident Fund (RAF) alenza esengummeli ngaphansi kwenkampani yakhe iKunene Masango Incorporated Attorneys.
Wayesebenzisana nomngani wakhe uMasango owajika waba ngufakazi woMbuso okuyimanje ungaphakathi ezikhindini.
Ilinganiselwa ku-R226 ,790 imali eyakhwatshaniswa uKunene eyangena ebhange lakhe ekubeni kwakumele ayidlulisele kwikilayenti lakhe, uNksz Precious Swartling kodwa wayidla yonke.
Ngokobufakazi obethulwe phambi kwenkantolo, kwamthatha izinsuku ezingu-33 ukuba ayiqede.
Ingxenye yayo wayisebenzisela ukukhokhela izingane zakhe imali yesikole. Wenza nokunye okwakuyizidingo zakhe.
Ngo-Okthoba wango-2020, uKunene wazinikela koKlebe wakhalelwa ngamaSongo kaSigonyela.
Waphuma ngebheyili ka-R5000. Kusukela lapho ubegqigqa enkantolo mayelana naleli cala.
IJaji, uGarth Davis likhale kakhulu ngokungethembeki kwabameli lathi sekuphenduke insakavukela.
Lithe kumele lidlulise umyalezo ocacile nakulabo bameli abacabanga ukwenza njengoKunene.
"Ngikugweba iminyaka engu-6 ubhadla ejele ngecala lokukhwabanisa imali,'' usho kanje ekhuluma ebhekise kuKunene.
Ngesikhathi kuqhubeka icala uKunene ubebonakala ebheke phansi ebhala okuthile ebhukwini.
UMshushisi u-Advocate Abbey Letsholo uthe izinkantolo kumele zibagwebe abameli abenza njengoKunene.
Uthe buningi ubufakazi obusobala obuveza ukuthi uKunene wayisebenzisa yonke imali okwakumele ayidlulisele kwikilayenti lakhe.
Ummeli kaKunene uzamile ukumncengela kodwa kwanhlanga zimuka nomoya, iMantshi ikhala ngokuthi wehlise isithunzi sabameli.
Kuvelile ukuthi ikilayenti likaKunene lamnikeza isikhathi sokuba ayikhokhe imali ngaphambi kokuba limvulele icala kodwa nalokho akazange akwenze.
UKunene wayenguthisha ofundisa izibalo kusukela ngo-1990 kuya ku-1997. Uke waba ngumeluleki wakwaPassengers Rail Agency of South Africa (Prasa) ngo-2022 kuya ku-2023.