UGWETSHWE iminyaka ewu-12 ebhadla ejele uMdumiseni Khetha Zuma, olahlwe yicala lokugqugquzela udlame ngesikhathi sezibhelu zika-2021. UZuma walahlwa yicala lokugqugquzela udlame kodwa waphuma phambili kwelokushisa izitolo iBrookside Mall, eMgungundlovu.
UZuma ugwetshwe yiNkantolo yeMantshi eMgungundlovu, emuva kokuthi egqigqe khona isikhathi kuqulwa icala.
Abantu bakuleli bavuka umbhejazana bashisa izitolo, batapa impahla KwaZulu- Natal naseGauteng, emuva kokuboshwa kowayengumengameli uJacob Zuma.
Kwamanye amacala ezibhelu kunenye inqwaba yabantu ehamba amacala eyaboshwa emuva kophenyo olunzulu. Babuye bethweswa necala lokuhlela itulo lokubulala ngoba babezwakala besongela iJaji uRaymond Zondo eliyinhloko yamaJaji eNingizimu Afrika.
Owayengumskazi woKhozi FM, uNgizwe Mchunu, yena usanda kuphuma phambili eNkantolo yeMantshi eRandburg, eboshelwe izinsolo zokugqugquzela udlame.