Ugwetshwe iminyaka eyisishiyagalombili ejele yiNkantolo yeMantshi yaseMiddleburg, eMpumalanga, owesilisa owasebenzisa amaphepha omgunyathi ethenga imoto iSuzuki Ertiga wangabe esayikhokhela njalo ngenyanga.
UJacob Aphane (36) ubebhekene necala lokukhwabanisa uR496 211 wemoto ayithenga.
“Kubikwa ukuthi ngo-Okthoba 7 ngo-2022, umsolwa wafaka isicelo sokubolekwa imali yokuthenga imoto eYagos 4 Wheel Cars eMiddleburg esebenzisa amaphepha omgunyathi, i-payslip nesitatimende sasebhange. Wathi usebenza eGT Auto Company eMarblehall. I-WesBank yasiphasisa isicelo sakhe ngenxa yamaphepha omgunyathi awasebenzisa,” kusho uCaptain Sekgotodi Dineo okhulumela oKlebe eMpumalanga.
Uthe ngemuva kokuthi isicelo sakhe siphumelele, u-Aphane walanda i-Ertiga kodwa kwaphela izinyanga ezintathu engayikhokheli.
“Ibhange lazama ukumthola kodwa wayengatholakali. Udaba lwadluliselwa koKlebe eMiddleburg ukuze baphenye. Ngesikhathi sophenyo, kwatholakala ukuthi ayikho inkampani u-Aphane athi uyayisebenzela,” kusho uSekgotodi.
Uthe oKlebe baqhubeka nophenyo imoto yatholakala futhi u-Aphane wayalelwa ukuthi avele enkantolo.
“Waboshwa, wathweswa icala wabe esededelwa ngesixwayiso. Uvele izikhawu enkantolo kwaze kwaba utholwa enecala wagwetshwa ngoMsombuluko, ngoSepthemba 23 2024 iminyaka eyisishiyagalombili, emithathu yalengiswa iminyaka emihlanu ngombandela wokuthi angatholakali enecala elifanayo,” kusho uSekgotodi.